Yeqela kokuqukethwe

I-Airbnb 2021

Okungaphezu kuka-100 okuthuthukisiwe kumasevisi ethu onke

I-Airbnb 2021

Okungaphezu kuka-100 okuthuthukisiwe kumasevisi ethu onke

Ukuvumelana nezimo okwenzelwe indlela entsha yokuthatha uhambo

1. Izindawo ezivumelana nezimo

Indlela entsha yezivakashi yokuthola indawo yokuhlala ehlukile ebezingase zingayitholi.

2. Ukufanisa okuvumelana nezimo

Kuhlanganisa izindlu ezingacishe zangena ekusesheni okuthile, ukuze kuboniswe izivakashi okwengeziwe ezingakukhetha.

3. Izinsuku ezivumela nezimo

Izivakashi manje zingasesha izinto ezintsha, njengokuvakasha kwangempelasonto kuya ekuhlaleni kwenyanga noma ngaphezulu.

Okokuzithokozisa kwesivakashi okulula nokukhuthazayo

4. Uhlu Lwezifiso Oluqokiwe

Amaqoqo akhethiwe ezindawo zokuhlala ezinhle kanye Nokokuzithokozisa—okuqala Kwezangaphandle Zodumo.

5. Isiqondiso sokufika

Imininingwane yokufika izivakashi eziyidingayo, kusukela eziqondisweni ze-wifi, manje kusendaweni eyodwa.

6. Inqubo yokuphuma esheshayo

Sinciphise izinyathelo ezidingekayo zezivakashi ezintsha ukuze siqinisekise ukubhukha kwazo kokuqala.

7. Ukubhalisa kufomu lewebhu

Izivakashi eziqalayo manje zingasungula kalula i-akhawunti ye-Airbnb phakathi nenqubo yokuqala yokubhukha.

8. Ibha yokuhlunga

Izihlungi ezithandwa kakhulu manje ziyabonakala uma usesha indlu oyifunayo.

9. Kuthuthukiswe imenyu yesihlungi

Amapharamitha amasha nathuthukisiwe okusesha enza kucace kakhudlwana futhi kube lula lapho usesha.

10. Izihlungi eziqondene nenkathi yonyaka

Izihlungi ezifanelekayo ngokomongo ziyavela ngokwenkathi yonyaka—ngokwesibonelo, indlu yokushushuluza eqhweni.

11. Izihlungi eziqondene nendawo

Izindlela zokuhlunga manje zivela kuphela uma zidingeka ngokwendawo isivakashi esiyifunayo.

12. Amasevisi aningiliziwe

Imininingwane eyengeziwe eqondile yamasevisi, njengokuthi i-fireplace ngeyegesi noma izinkuni.

13. Izici ezintsha

Ukubuka ulwandle? Ibhayisikili elingahambi? Le mininingwane ewusizo manje ziyanakisiswa ezindlini.

14. Ukuvuselela ngokuzenzakalelayo ibalazwe

Kugcina imiphumela yokusesha ivele ngokucacile ebalazweni ngesikhathi ubhrawuza.

15. Amaphini anamathelayo

Amaphini ebalazwe awasanyamalali ngokungalindelekile aphinde avele ngesikhathi ukhulisa futhi uphena. Nazo-ke!

16. Izimpawu zebalazwe ezithuthukisiwe

Izimpawu zemephu ezihlelwe kabusha ziveza izindawo ezithandwayo nokunye uma usesha.

17. Okokuzithokozisa Okuseduze

Ibalazwe manje libonisa izindawo zoKokuzithokozisa kwe-Airbnb eduze nalapho isivakashi esihlala khona.

18. Amabalazwe agcwala isikrini kudeskithophu

Ngaphambilini abetholakala kuphela kumobhayili, amabalazwe agcwala isikrini manje avumela ukusesha okubanzi kudeskithophu.

19. Ukunavigeyitha kwesivakashi

Imenyu yezivakashi entsha inikeza ukufinyelela okuqondile ezindaweni zokuhlala, Okokuzithokozisa, ukuba Umbungazi, nokunye.

20. Izihlungi zezidingo ezikhethekile

Izihlungi zokusesha ezihlelwe kabusha zikwenza kube lula ukuthola izindawo zokuhlala ezinezici zabantu abanezidingo ezikhethekile.

21. Gxila ezidingweni ezikhethekile

Ukwenyuka enanini lokuhlala noKokuzithokozisa ku-Airbnb okunezici zokufinyelela.

22. Amakhaya akhethekile anezici zezidingo ezikhethekile

Amakhaya engeziwe akhethekile anezici zabantu abanezidingo ezikhethekile ukuze ahlangabezane kangcono nezidingo zomphakathi wethu.

23. Isihlungi sokokuzithokozisa

Isihlungi esisha sivumela izivakashi ukuba siseshe izinto ezenziwa ngokoqobo ezinezici zabantu abanezidingo ezikhethekile.

24. Okokuzithokozisa okusha okungabandlululi

Imisebenzi ye-inthanethi nengokoqobo eklanyelwe ukungabandlululi umphakathi wabakhubazekile.

25. Amanani alabo abanakekelayo

Okokuzithokozisa Ababungazi abangakunika amanani amahhala kwabanakekeli abasiza izivakashi ezikhubazekile.

26. Ezangaphandle Zodumo

Izindawo zokuhlala noKokuzithokozisa eziholela ukuvakasha kwakho ezindaweni zemvelo.

27. Ukwabelana ngeZinhlu zezinto ezifiswayo ezihlelekile

Yabelana ngezinhlu zezinto ezifiswayo ozithandayo ze-Airbnb nabangane, umndeni, nabakulandelayo ezinkundleni zokuxhumana.

28. Ukukhansela okucace kakhudlwana

Izinqubomgomo zokukhansela zivuselelwe ukuze kucace kakhudlwana ezivakashini nakuBabungazi.

29. Imibono yokuhlela uhambo

Ngesikhathi uhlela ukuvakasha, Okokuzithokozisa okufanelekayo kuyasikiselwa ezivakashini.

30. Izinto ongazenza

Ithebhu ethi Uhambo manje isikisela izinto ezenziwayo ezinhle, eziseduze ngesikhathi usohambweni.

31. Ukutusa kombungazi

Ababungazi bangathumelela izivakashi abanazo Okokuzithokozisa okuseduze okutuswayo phakathi nokuhlala kwazo.

32. Amalayisensi okokuzithokozisa

Kusiza ekuqinisekiseni ukuthi ilayisensi yoMbungazi nemininingwane yelayisensi ilungisiwe eKuzithokoziseni okunjengezikebhe.

33. Izincazelo zokokuzithokozisa

Ababungazi Bokokuzithokozisa sebengahlela futhi balungise incazelo yezindlu ukuze zinembe.

34. Ukungena kalula kweqembu

Sekulula kakhulu ngalabo osebenza nabo ukuba bakleyime izihlalo zabo emaqenjini Okokuzithokozisa Kwe-inthanethi.

35. Ababungazi Bokokuzithokozisa Kwe-inthanethi

Umphakathi wababungazi ozinikele ngokukhethekile emndenini wethu okhulayo waBabungazi Bokokuzithokozisa Kwe-inthanethi.

36. Ukubeka amanani afanele imindeni

Okokuzithokozisa Ababungazi manje abangakunika izaphulelo ukuze kube lula ngemindeni eyengeziwe ukuba ibambe iqhaza.

37. Izigaba zamakhaya akhethekile

Kunezelwe izigaba ezingu-9 ezintsha zamakhaya ayingqayizivele ongakhetha kuwo—kusukela ezindlini ezakhiwe ngobumba kuya ezinqoleni.

38. Amakhaya akhethekile emvelo

Isigaba esisha sokuhlala okuyingqayizivele okutholakala emvelweni—kusukela kumatende ayibhamuza kuya emapulazini asebenzayo.

39. Izindawo zokuhlala eduze nezindawo ozithandayo

Izivakashi zingathola ukuhlala eduze nokuthile okuyigugu, njengempophoma noma isivini.

Izindlela ezilula zokubungaza—kusukela ekubhaliseni kuya kuMbungazi ovelele

40. Siyakwamukela ekhasini lokubungaza

Kuhlelwe kabusha ukuhlangabezana nezidingo zaBabungazi abasha ohambweni lwabo.

41. Yiba uMbungazi ngezinyathelo ezingu-10

Akukaze kube lula ukufaka indawo yakho ku-Airbnb, futhi uzothola usizo njengoba uqhubeka.

42. Ithebhu yanamuhla

Indlela entsha yaBabungazi yokuphatha ukubhukha, imisebenzi, nokunye endaweni eyodwa.

43. Izinsiza zaBabungazi bokokuzithokozisa

Ikhasi elilungisiwe elithi “Ukuba Umbungazi” linezindawo ezintsha nezinsiza zaBabungazi Bokokuzithokozisa.

44. Amathestimoniyali okubungaza

Umtapo wezihloko ezibalulekile namavidiyo anika Ababungazi abasha ugqozi.

45. Indawo yami ibiza malini?

I-calculator elungisiwe ikusiza uthole isilinganiso seholo ongalithola ngendawo yakho.

46. Bungaza Ukuzithokozisa kalula

Inqubo yokuqalisa ethuthukisiwe inikeza umzila olula wokuba uMbungazi Wokokuzithokozisa.

47. Amavidiyo Okokuzithokozisa

Ababungazi abaningi Asebemnkantsh'ubomvu manje bangafaka kalula amavidiyo ukuze babonise uthando abanalo.

48. Ulwazi olufakwe ngokomshini

Ulwazi lwendlu oluvela kudatha yezakhiwo lusiza Ababungazi basheshe bafake izindawo zabo.

49. Faka amasevisi kalula

Izimpawu zikwenza kube lula ukukhetha nokubonisa izici zendlu ezibalulekile.

50. Ukuhlela ngokuzenzakalelayo izithombe

Amamodeli okubuka ngekhompyutha athuthukisiwe ahlaziya izithombe futhi azihlele kabusha ukuze azimise ngendlela ekhangayo.

51. Isihloko esisikiselwe

Ukusikisela kombhalo ozenzakalelayo wokusungula isihloko sendlu esikhangayo ngokusekelwe emininingwaneni enikeziwe.

52. Ukuqalisa incazelo

Kusiza Ababungazi abasha basheshe bachaze izici zezindlu zabo ezikhethekile nezifiselekayo.

53. Ukubeka amanani kalula

Ukusetha inani elifanele lendlu yakho manje sekuqondile futhi kulula.

54. Inani elisikiselwayo

Manje sinikeza isilinganiso senani lendawo yakho ngokusekelwe ezindlini ezifana neyakho.

55. Abaqashelwayo

Silungise, senza lula esinye sezinyathelo zokugcina ekugcineni kwenqubo yokufaka indlu.

56. Buka kuqala ngaphambi kokufaka

Thola isithombe esigcwele sendlela indlu ezovela ngayo ezivakashini ingakabi bukhoma. Ekugcineni!

57. Ukwamukela indlu entsha

Uma uqeda indlu yakho entsha, u-Sandy no-Brian bazoza bazokuhalalisela.

58. Isiqondiso esisha sokuBungaza

Izihloko ezifanelekayo zisiza Ababungazi abasha kuyo yonke inqubo yokuqalisa.

59. Isethulo samakilasi okubungaza

Amakilasi e-inthanethi aholwa Ababungazi Abavelele asiza Ababungazi baqalise ngokushesha.

60. Ukuqeqeshwa 1:1

Ababungazi abasha bekilasi le-inthanethi bangathumela i-imeyili ukuze bathole usizo.

61. Buza uMbungazi Ovelele

Enqubweni yokufaka indlu, Ababungazi bangathola usizo ngokuthinta uMbungazi Ovelele.

62. Amacebiso okubungaza kahle

Ababungazi bangabhalisela Okokuzithokozisa Kwe-inthanethi ukufunda kuBabungazi abadala.

63. Lungiselela isivakashi sakho sokuqala

Ngemva kokufaka indawo entsha, kunikezwa iziqondiso ezinyathelweni ezilandelayo—njengokusetha imithetho yendlu.

64. Amakhalenda aqokiwe nokubeka amanani

Ababungazi abasha banikezwa amacebiso endlela yokuthola ukubhukha abakufunayo ngamanani abawalindele.

65. Qinisekisa indlela izivakashi ezibhukha ngayo

Ababungazi bangafaka izimfuneko zezivakashi ezibhukhayo, njengokutusa okuvela kwabanye Ababungazi.

66. Khetha indlela ozokhokhelwa ngayo

Isixwayiso esizenzakalelayo sikhumbuza Ababungazi abasha ukuba bafake indlela yokukhokhelwa, ukuze basheshe bakhokhelwe.

67. Izicelo zokubhukha

Ithebhu yanamuhla entsha ivumela ababungazi babuke kalula noma iziphi izicelo nemibuzo yokubhukha esalindile.

68. Ukubhukha kwakho

Ithebhu yanamuhla ivumela nokuba Ababungazi babuke ukubhukha kwesivakashi okutholakalayo nokusalindile lapho bethi shazi.

69. Amalinki asheshayo

Ithebhu yanamuhla inikeza indlela elula yokuba Ababungazi bafinyelele amathuluzi okubeka amanani nokutholakala.

70. Izindaba nezilungiso zokubungaza

Izihloko ezifanelekayo kuThebhu yanamuhla zinikeza amasu okubungaza ngempumelelo.

71. Izixwayiso zoMbungazi

Izaziso zisiza ekuqinisekiseni ukuthi Ababungazi bayakhunjuzwa nganoma yini edinga bathathe isinyathelo.

72. Imiyalezo esheshayo

Imiyalezo phakathi kwezivakashi naBabungazi manje ivuleka ngesivinini esiphindwe kayishumi.

73. Ukusesha i-Inbox

Kuvumela Ababungazi bayithole kalula imiyalezo ku-inbox yabo ngokusesha okuhlukahlukene.

74. Izihlungi ezintsha ze-inbox

Izilungiso ze-Inbox zivumela Ababungazi ukuba basheshe bahlunge imiyalezo—kuhlanganise naleyo engafundiwe.

75. Izimpendulo Zakho Ezisheshayo

Ababungazi sebangaziqokela Izimpendulo Ezisheshayo zemibuzo yezivakashi evame ukubuzwa.

76. Imiyalezo eshejuliwe

Sungula imiyalezo ethumela ngokuzenzakalelayo izikhumbuzo ezinobungane, njengeziqondiso zokuphuma.

77. Imibono yokubungaza

Ithebhu Yemibono inika ulwazi ngamathrendi ukusiza Ababungazi basebenzisise amathuba.

78. Imibono Yokokuzithokozisa

Ithuluzi laBabungazi Bokokuzithokozisa elinedatha esemqoka yeholo, izilinganiso, nokunye.

79. Ukuphawula okuthuthukisiwe

Indlela elula yokuba izivakashi zithumele ukuphawula okunikeza Ababungazi ngombiko owusizo.

80. Umbiko oningiliziwe

Imibiko inikeza izivakashi ithuba lokushiyela Ababungazi ukuphawula okuningiliziwe.

81. Izigaba zombiko ezengeziwe

Izigaba ezintsha ekuphawuleni zisiza izivakashi zinikeze amabalengwe okuhlala kwazo.

82. Ukuphawula okulungisiwe

Izivakashi sezenza okuningi, njengokugxeka nokuncoma, ukulinganisa ukuhlala...ekugcineni!

83. Imiklomelo yaBabungazi yokuphila konke

Amamethrikhi amasha ahalalisela konke kusukela engqikithini yezivakashi ezibungaziwe kuya ezintweni ezizijabulele kakhulu.

84. Amabalengwe okubungaza okuhlanganyelwayo

Indlela elula yaBabungazi yokwabelana nokuhalalisela amamethrikhi ephefomensi yokuphila konke ezinkundleni zokuxhumana.

85. Imininingwane yoMbungazi

Ulwazi lwendlu manje lugqamisa lokho okwenza uMbungazi nekhaya lakhe kube okukhethekile.

Usizo lwezinga lomhlaba emphakathini wethu womhlaba wonke

86. I-Help Center eklanywe kabusha

Indlela elula yokunavigeyitha i-Help Center ngosizo oludingekayo lwezivakashi naBabungazi.

87. Izixazululo ezihlakaniphile

Isiqondiso esiqokiwe sisiza izivakashi naBabungazi baxazulule kalula izinkinga ezivamile ngezinyathelo ezimbalwa.

88. Izaziso zokukhokha

Zonke izaziso zokukhokha kwesivakashi manje zitholakala endaweni eyodwa okulula ukuyithola.

89. Izinsiza zokuphepha ezibuyekeziwe

Usizo lohambo lunocingo losizo lwemizuzwana engu-30, oluhunyushwayo ngezilimi eziningi.

90. Imininingwane yezimo eziphuthumayo yasendaweni

Imininingwane yabezimo eziphuthumayo endaweni bezomlilo, amaphoyisa, ne-EMT ezifundeni eziningi.

91. Ukukhuliswa kosizo oluphuthumayo

Usizo oluphuthumayo lwasohambweni manje lunikezwa ngezilimi ezingamakhulu.

92. Ucingo lwaBabungazi Abavelele

Usizo olungcono, lwaBabungazi Abavelele—luqale e-N. America, emhlabeni ekupheleni konyaka.

93. Usizo Lwabaholi Bomphakathi

Usizo olusha lwezinto ezisemqoka lwaBaholi Bomphakathi Wababungazi.

94. Usizo lwasohambweni

Indlela engcono yokusiza izivakashi naBabungazi phakathi nohambo lwazo ngemininingwane edingekile.

95. Ukusesha konke

Sesha yonke imikhiqizo yosizo lwe-Airbnb ukuthola izimpendulo ngokushesha okukhulu.

96. Ukusekelwa kakhudlwana

Izihloko zosizo ezenziwe lula zinikeza imininingwane efanele—ukuthi kuphi nokuthi nini kuyadingeka.

97. Isiqondiso sezixazululo

Usizo lwesinyathelo ngasinye lokuxazulula izinkinga zasohambweni ezivamile njengesevisi ephukile noma engekho.

98. Ihabhu lomthetho womphakathi

Imithetho ecacile, eyenziwe lula ihlala endaweni eyodwa ku-Help Center.

99. Amathuluzi eNgosi Yedolobha

Amathuluzi asiza izikhulu zedolobha ziphathe imthetho neziqondiso zokuqashisa isikhashana.

100. Okusha ngeskhalazo sokubhaliwe

Umthetho omusha wenza Ababungazi bakhalaze ngokubhalwe izivakashi eziphula umthetho wethu.

101. Ama-ejenti osizo engeziwe

Sinezele izisebenzi zosizo emhlabeni wonke ngokuphindwe kabili ukusiza umphakathi wethu.

102. Usizo ngezilimi ezengeziwe

Sikhulise ikhavareji yosizo lwethu sisuka ezilimini ezingu-11 kuya kwezingu-42.

103. Izinsiza zombungazi

Imenyu entsha yaBabungazi ikungenisa kusizo, izindlu, isimo soMbungazi Ovelele, nokunye.

Isikhathi sokukhishwa kwesici nokutholakala kwaso kungahluka kuye ngendawo.