ISIVIKELO SOMBUNGAZI

Umshwalense Wokuvikelwa Kwezokuzithokozisa

Esimweni esingajwayelekile lapho othile elimala noma impahla yakhe ithola umonakalo phakathi nokokuzithokozisa okuvikelwe, ababungazi bangase bavikelwe ngomshwalense okuvikela uma usephutheni ongafika ku-$1,000,000 USD.

Esimweni esingajwayelekile lapho othile elimala noma impahla yakhe ithola umonakalo phakathi nokokuzithokozisa okuvikelwe, ababungazi bangase bavikelwe ngomshwalense okuvikela uma usephutheni ongafika ku-$1,000,000 USD.

Kuyatholakala kubabungazi bokokuzithokozisa okuningi
Uvikela ababungazi ekuqaleni kokokuzithokozisa kuze kuphele
Okungefaniswe embonini yezohambo

Yini evikelwe?

Umshuwalense Wokuvikelwa Kwezokuzithokozisa ungase uvikele:

  • Isibopho sakho esingokomthetho sokulimala emzimbeni kwezivakashi noma kwabanye
  • Isibopho sakho esingokomthetho somonakalo wempahla yezivakashi noma yabanye

Umshwalense Wokuvikelwa Kwezokuzithokozisa awuvikeli:

  • Ukulimala emzimbeni noma umonakalo wempahla owumphumela wento eyenziwe ngenhloso (hhayi ingozi)
  • Umonakalo wempahla yombungazi, noma izinto ezilahlekile noma ezebiwe
  • Okokuzithokozisa okubandakanya izindiza-mshini kanye nezinqola ezihambayo

Bungaza ngokuzethemba

Isikhathi sokulungiselela okokuzithokozisa

Umshwalense Wokuvikelwa Kwezokuzithokozisa ungase uvikele ababungazi phakathi nokokuzithokozisa futhi nalapho belungiselela indawo yokokuzithokozisa, ngaphambi kokuthi kuqale noma ngemva kokuphela kwako, kuye ngemigomo nemibandela yomshwalense.

Isivikelo sabasizi

Abasizi abahlinzeka ngamasevisi ahlobene ngokuqondene nokokuzithokozisa bangase futhi bavikelwe ngaphansi Komshwalense Wokuvikelwa Kwezokuzithokozisa.

Usizo 24/7

Uma kwenzeka okuthile kuwe noma ezivakashini zakho, iqembu lethu Lethimba Elisiza Umphakathi limi ngomumo. Uma unombuzo mayelana Nomshwalense Wokuvikelwa Kwezokuzithokozisa, sicela usithinte futhi sizokuqondisa kumhlinzeki ofanele.

Sizibophezele ekuthuthukiseni umphakathi ophephile futhi onokwethenjwa emhlabeni jikelele.

Sizibophezele ekuthuthukiseni umphakathi ophephile futhi onokwethenjwa emhlabeni jikelele.

Icebiso: Izinsiza zokuphepha kwemali obolekwayo

Abalingani be-Airbnb ne-American Red Cross ne-International Federation of the Red Cross and Red Crescent bahlinzeka ngezinsiza zezokuphepha ezisebenza emazweni angu-191. Funda ukuthi ungazihlomela kanjani izimo eziphuthumayo, ukulungiselela ikhithi yosizo lokuqala, ukuhlala uphephile ekhishini, nokuningi.

Icebiso: Izinsiza zokuphepha kwemali obolekwayo

Abalingani be-Airbnb ne-American Red Cross ne-International Federation of the Red Cross and Red Crescent bahlinzeka ngezinsiza zezokuphepha ezisebenza emazweni angu-191. Funda ukuthi ungazihlomela kanjani izimo eziphuthumayo, ukulungiselela ikhithi yosizo lokuqala, ukuhlala uphephile ekhishini, nokuningi.

Iphrosesi yesimangalo

1. Ifomu lokuthatha imininingwane seligcwalisiwe

Lapho umbungazi, isivakashi, noma umuntu oseceleni ethinta Ithimba Elisiza Umphakathi, i-Airbnb izonikeza imininingwane emayelana nenqubo yokufaka isimangalo.

2. Inkampani yomshwalense iqoka ummeleli, obese ehlola isimangalo

Ngemva kokugcwaliswa kwefomu lokuthatha imininingwane, ummeleli omelela inkampani yomshwalense uzokuthinta ukuze axoxe ngesimangalo futhi athole imininingwane.

3. Isimangalo siyaphenywa

Ummeleli wezimangalo zabantu abaseceleni uxazulula isimangalo ngokuvumelana nemigomo yomthetho Womshwalense Wokuvikelwa Kwezokuzithokozisa kanye nemithetho esebenzayo nemithethonqubo emandleni angokomthetho afanele.

Umshwalense Wokuvikelwa Kwezokuzithokozisa ungaphansi kwemigomo ethile, imibandela kanye nokungafakwa. 
Ukuze ufunde kabanzi, dawuniloda isifinyezo sohlelo oluphelele.

Umshwalense Wokuvikelwa Kwezokuzithokozisa ungaphansi kwemigomo ethile, imibandela kanye nokungafakwa. 
Ukuze ufunde kabanzi, dawuniloda isifinyezo sohlelo oluphelele.

Ukuphendulwa kwemibuzo yakho

Kukhona yini okudingeka ngikwenze ukuze ngivikelwe ngaphansi Komshwalense Wokuvikelwa Kwezokuzithokozisa?

Cha. Ngokuzenzakalelayo uvikelwe uma okokuzithokozisa kwakho kufanelekela isivikelo somshwalense.

Lapho uba ngumbungazi wokokuzithokozisa futhi uvuma Imigomo Yesevisi, uvuma nokuthi uvikelwe ngaphansi Komshwalense Wokuvikelwa Kwezokuzithokozisa ngezigameko ezenzeka phakathi nokokuzithokozisa kwe-Airbnb, ngaphansi ngemigomo yomshwalense.

Uma ungathanda ukuphuma emshwalensini, kumelwe wenze konke okulandelayo:

  • Sithumele i-imeyili ekhelini le-imeyili elihlobene ne-akhawunti yakho yombungazi wokokuzithokozisa
  • Faka igama nesibongo sakho nenombolo yocingo ehlobene ne-akhawunti yakho yombungazi wokokuzithokozisa
  • Faka isihloko esiyisonasona sokokuzithokozisa kwakho okubungaziwe

Sicela uqaphele ukuthi ikheli le-imeyili lokuphuma ngeke liqashwe ngaphandle uma kuphroseswa izicelo zokuphuma.

Kwenzekani uma ngilimala phakathi nokuzithokozisa kwami?

Ukuphepha kwakho yinto eza kuqala kithi. Uma ulimele noma udinga usizo lwezokwelashwa ngenkathi yokokuzithokozisa, kufanele uye endaweni ephephile bese uthinta abamasevisi ezimo eziphuthumayo asendaweni ngokushesha.

Lapho usuphephile futhi izidingo zakho eziphuthumayo seziphothuliwe, sibikele ngesigameko ngokuthi uye kuthebhu yePhrofayili ye-app yakho ye-Airbnb bese uthepha okuthi Usizo & ukwesekwa, bese ukhetha okuthi Thinta i-Airbnb ngaphansi kohambo lwakho. [Funda kabanzi] (/isihloko/sosizo/1600/kwenzekani-uma-ngilimala-phakathi-nokokuzithokozisa-kwami)

Njengombungazi Wokokuzithokozisa kwe-Airbnb, kwenzekani uma othile elimala phakathi nokokuzithokozisa?

Ukuphepha komphakathi wethu kuyinto eza kuqala kithi. Uma othile elimala noma edinga ukunakekelwa kwezokwelashwa phakathi nokokuzithokozisa, kufanele ubuthele wonke umuntu endaweni ephephile bese uthinta abamasevisi ezimo eziphuthumayo basendaweni ngokushesha.

Lapho wonke umuntu esesendaweni ephephile futhi zonke izidingo eziphuthumayo seziphothuliwe, sicela usibikele ngesigameko futhi usazise uma singanikeza noma yiluphi usizo olwengeziwe. Funda kabanzi

Usebenza kanjani Umshwalense Wokuvikelwa Kwezokuzithokozisa?

Umshwalense Wokuvikelwa Kwezokuzithokozisa uhlinzeka ngesivikelo somshwalense onikezwa yizinkampani ezithile zomshwalense e-Zurich Insurance plc, omunye wabahlinzeki bomshwalense abanedumela elikhulu emhlabeni.

I-Airbnb ibaluliwe emshwalensini, kanjalo nababungazi bokokuzithokozisa be-Airbnb. Akunasidingo sokukhokha imali yomshwalense noma ukudonswa kwemali ukuze uzuze esivikelweni ngaphansi kohlelo.

Lapho umuntu enza isimangalo ngokumelene nombungazi wokokuzithokozisa, ummeleli wezimangalo zabantu abaseceleni uzoqondisa futhi axazulule isimangalo ngokuvumelana nezinqubomgomo okuvunyelenwe ngazo ne-Airbnb.

Uyini Umshwalense Wokuvikela Ababungazi?

Uhlelo Lomshwalense Wokuvikela Ababungazi luhlinzeka ngesivikelo esiyinhloko uma usephutheni esifinyelela ku-$1,000,000 ngesigameko ngasinye lapho kuba nesimangalo somuntu oseceleni sokulimala emzimbeni noma umonakalo wempahla ohlobene nokuhlala kwe-Airbnb.

Lesi sivikelo singaphansi kwesilinganiso sika-$1,000,000 sendawo yendlu ngayinye, kanye nezimo ezithile, imikhawulo futhi nokungafakwa kungahle kusebenze. Funda kabanzi

Umshwalense Wokuvikelwa Kwezokuzithokozisa uhluke kanjani Esiqinisekisweni Sokubuyiselwa se-Airbnb kanye Nomshwalense Wokuvikela Ababungazi?

Izinhlelo Zesiqinisekiso Sokubuyiselwa se-Airbnb kanye Nomshwalense Wokuvikela Ababungazi zenzelwe ukuvikela ababungazi bamakhaya. Umshwalense Wokuvikelwa Kwezokuzithokozisa wenzelwe ukuvikela ababungazi bokokuzithokozisa.

Isiqinisekiso Sokubuyiselwa se-Airbnb senzelwe ukuvikela ababungazi bamakhaya emonakalweni wempahla yabo noma iyunithi esimweni esingajwayelekile somonakalo wendlu odalwe yisivakashi. Ukuze uthole imininingwane ethe xaxa, vakashela ikhasi lethu Lesiqinisekiso Sokubuyiselwa.

Umshwalense Wokuvikela Ababungazi wenzelwe ukuvikela ababungazi bamakhaya ezimangalweni ezivela kubantu abaseceleni zokulimala emzimbeni noma umonakalo wempahla phakathi nokuhlala endlini yombungazi. Ukuze uthole imininingwane ethe xaxa, vakashela ikhasi lethu Lomshwalense Wokuvikela Ababungazi.

Umshwalense Wokuvikelwa Kwezokuzithokozisa wenzelwe ukuvikela ababungazi bokokuzithokozisa ezimangalweni ezivela kubantu abaseceleni zokulimala emzimbeni noma umonakalo wempahla owenzeka phakathi nokokuzithokozisa okubungaziwe. Ukuze uthole imininingwane ethe xaxa, vakashela i-Help Center yethu.

Usukulungele ukuqala ukwakha okokuzithokozisa kwakho?

Usukulungele ukuqala ukwakha okokuzithokozisa kwakho?