Ukubhukha Okokuzithokozisa Kwe-inthanethi
Ukuzungeza umhlaba ngosuku—futhi akudingekanga nokuba usukume kusofa wakho. Okokuzithokozisa Kwe-inthanethi kuletha umhlaba phakathi endlini yakho.
Ungabhukha Okokuzithokozisa kwe-inthanethi ngendlela efanayo obungabhukha ngayo okungokoqobo. Qiniseka nje ukuthi ungangena ku-Zoom ngedeskithophu, ithebhulethi, noma idivayisi yeselula.
Ukubeka inani
Okokuzithokozisa Kwe-inthanethi kubekwa inani lomuntu ngamunye, futhi uzocelwa ukuba ubhukhe indawo yomuntu ngamunye ojoyina Okokuzithokozisa. Nokho, uma uMbungazi ezamukela izivakashi ezingaphezu kwesisodwa ukuba zijoyine ngedivayisi eyodwa, uzokutshela ekhasini lakhe loKuzithokozisa ngaphansi kokuthi Ozokwenza nelithi Indlela Yokubamba Iqhaza.
Ukukhansela, ushintsho, nokubuyiselwa imali
Ungakhansela ezinsukwini ezingu-7 ngaphambi kwesikhathi sokuqala noma emahoreni angu-24 ngemva kokubhukha. Futhi ungashintsha ukubhukha emahoreni angaba ngu-72 ngaphambi kokuba Okokuzithokozisa kuqale. Ukukhansela noshintsho kunezinqubomgomo ezifanayo zoKuzithokozisa kwe-Airbnb okuku-inthanethi nokungokoqobo.
Uyakufanelekela ukubuyiselwa imali ephelele uma kuba nezinkinga zobuchwepheshe, njengezinkinga ze-audio noma ividiyo, kudivayisi yakho noma kudivayisi yoMbungazi phakathi noKuzithokozisa kwe-inthanethi.
Ukubamba iqhaza
Lungiselela
Uzofunda konke okudingeka ukwazi ku-imeyili yakho yokuqinisekisa, kodwa futhi ungahlola izingxenye ezithi Indlela yokubamba iqhaza nethi Izimfuneko zesivakashi ekhasini elithi Okokuzithokozisa.
Joyina
Ukuze uthole ilinki ye-Zoom yoKuzithokozisa kwakho kwe-inthanethi, iya kokuthi:
- I-imeyili yakho yokuqinisekisa
- I-imeyili yakho eyisikhumbuzo
- Uhambo, lufakiwe emininingwaneni yakho yokubhukha
Bika izinto ezingafaneleki
Uma uhlangabezana nanoma yini engafaneleki, thintana nethimba elisiza umphakathi le-Airbnb uyibike. Nikeza imininingwane eminingi ngangokunokwenzeka futhi sizokwenza uphenyo kuleyo ndaba.
Izihloko ezihlobene
- Isivakashi
Ukubhukha okokuzithokozisa
Kulula ukubhukha Okokuzithokozisa Kwe-Airbnb! Ungakhetha idolobha nezinsuku eziqondile, noma ubhrawuze konke okokuzithokozisa. Khumbula, uku… - Isivakashi
Mayelana Nokokuzithokozisa Okuku-inthanethi
Okokuzithokozisa Kwe-inthanethi kwenziwa bukhoma, akurekhodwa kusengaphambili, kwenziwa noMbungazi ohlanganyela futhi axhumane nezivakashi z… - Umbungazi Wokokuzithokozisa
Kungani ividiyo erekhodiwe engiyithumele yokokuzithokozisa kwami kwe-inthanethi yenqatshiwe?
Funda kabanzi mayelana nezimfuneko eziqondile zokuthunyelwa kwevidiyo yoKuzithokozisa kwe-inthanethi.