Ukusikisela kuzoboniswa ngemva kokuthayipha endaweni yokusesha. Sebenzisa imicibisholo ebheke phezulu naphansi ukuze ubuyekeze. Sebenzisa u-enter ukuze ukhethe. Uma okukhethile kungumusho, lowo musho uzothunyelwa ekusesheni. Uma ukusikisela kuyilinki, ibhrawuza izokuya kulelo khasi.
Indlela yokukwenza
Isivakashi

Ukuphawula kwakho okuvela kuBabungazi

Ukuphawula kuyindlela enhle yokuba aBabungazi bakunikeze umbiko ngemva kokuphela kohambo lwakho. Ukuphawula kuphinde kusize nomphakathi wethu waBabungazi uqonde lokho ongakulindela ngokwalokho okushiwo ekuphawuleni okudlule kwenhlanzeko, imithetho yendlu, nokukhulumisana.

Nakhu ukucazwa kwalokho okufakwayo uma uthola ukuphawula, nalokho uMbungazi angase akwazi ukukufunda uma ucela noma ubhukha ukuhlala esikhathini esizayo.

Izilinganiso ezivela kuMbungazi wakho

Njengengxenye yenqubo yokuphawula okungaphoqiwe, aBabungazi bangakunika isilinganiso ngenkanyezi eyodwa kuya kwezingu-5 ezigabeni ezintathu: inhlanzeko, imithetho yendlu, nokukhulumisana. Ngokufanayo nezilinganiso zezinkanyezi zaBabungazi, lezi zilinganiso zezigaba zibe sezihlanganiswa zibe yisilinganiso sokuhlala.

Izilinganiso zakho eziningiliziwe zokuhlala okudlule, kanye nokwezigaba nezilinganiso ekuhlaleni, zingafundwa aBabungazi kuphela uma ucela noma ubhukha ukuhlala kubo esikhathini esizayo. Izigaba ezinezilinganiso ezinhle (4-5) zizovela zinoqhwi nezilinganiso ezingezinhle (1-3) ezine-ayikhoni yesixwayiso.

Izilinganiso zisetshenziswa ngezindlela eziningana, futhi zisiza kulokhu:

  • ABabungazi bamanje nalabo abangaba yibo bayanquma ukuthi basamukele yini isicelo sokubhukha esivela esivakashini;
  • I-Airbnb inqume ukuthi isivakashi siyahlangabezana yini nezimfuneko zoMbungazi zokuBhukha Okusheshayo;
  • I-Airbnb inqume ukuthi isivakashi siyafaneleka yini njengesivakashi esimnkantsh'ubomvu esifanelekela ukubhukha izindlu ezithile; futhi zisiza
  • I-Airbnb inqume ukuthi isivakashi siyayilandela yini imithetho ebekiwe yezivakashi. Ukwephulwa ngokuphindaphindiwe noma ngokwedlulele okubikwe ngezilinganiso noma ngosizo lwamakhasimende kungaholela ezixwayisweni, ukumiswa, kanye/noma ukukhishwa enkundleni.

Ukuphawula okuvela kuMbungazi wakho okubonwa uwonk'uwonke

Nakuba umuntu engaphoqiwe ukuba aphawule, uma aBabungazi bekhetha ukuthumela ukuphawula kudingeka bashiye ukuphawula okuzobonwa uwonk'uwonke. Ukuphawula koMbungazi kuboniswa kuphrofayili yakho, ngakho noma ubani ochofoza noma othepha kuphrofayili yakho angakufunda.

Lokho okwenze kahle

ABabungazi bakwazi ukukhetha ukugqamisa lokho okwenze kahle (isib: ugcine indawo icocekile futhi isesimweni esihle, uye wachitha izibi, uthumele imiyalezo ewusizo, ubunenhlonipho, ubuphendula njalo, njll.). Uma ucela noma ubhukha ukuhlala kuMbungazi, angahlola lokho abanye aBabungazi abakugqamisile ngokuhlala kwakho kwangaphambilini. Umbiko omuhle uzovela eceleni kophawu olunguqhwi.

Izinto okufanele uzikhumbule ngokulandelayo

Uma uMbungazi ethumela isilinganiso esiphansi kunoma yisiphi isigaba, siyamcela ukuba asitshele ngalokho okungahambanga kahle ohambweni lwakho. Ngalo mbiko, i-Airbnb izobe isisikisela izindlela zokugwema izinkinga ohambweni lwakho olulandelayo. Uma ucela noma ubhukha ukuhlala kuMbungazi, angahlola lo mbiko ngokuhlala kwakho kwangaphambilini. Umbiko ongemuhle uzovela eceleni kwe-ayikhoni yesixwayiso.

Inothi eliphrayivethi elivela kuMbungazi wakho

Ungase uthole umyalezo ophrayivethi ovela kuMbungazi wakho onombiko owengeziwe. Lapho uphendula, khumbula ukuthi nguwe kuphela ongafunda lo myalezo.

Ingabe le athikili ikusizile?

Izihloko ezihlobene

  • Isivakashi

    Phendula noma uphikise ukuphawula

    Ungaphosta impendulo kuwonk'uwonke ekuphawuleni abanye abakubhalela kona, kodwa awukwazi ukuyikhipha. Ukuphawula kukhishwa kuphela uma kweph…
  • Isivakashi

    Inqubomgomo Yokuphawula Ye-Airbnb

    Inqubomgomo yethu isiza ekuqinisekiseni ukuphawula okuwusizo, okufundisayo, nokunembile kwezivakashi nababungazi.
  • Bungaza

    Uhlelo Lokuqinisekisa Iholo

    I-Airbnb inikeza Ababungazi abasha ezindaweni ezithile isiqinisekiso sokuthola iholo uma bebungaza ukuhlala okungu-10+ ku-Airbnb phakathi ne…
Thola usizo ngokubhukha kwakho, i-akhawunti, nokunye.
Ngena ku-akhawunti noma uvule i-akhawunti