Umphakathi wethu wakhelwe phezu kwemithetho yokungabandlululi, ukuzizwa usekhaya, nenhlonipho, okuhlanganisa ukwamukela nokusiza abantu abanokukhubazeka. Izivakashi ezidinga izindawo zokuhlala namasevisi afanelekayo akufanele zibandlululwe noma zinqatshelwe isevisi ngesikhathi zisebenzisa i-Airbnb.
Kwezinye izindawo, izimfuneko zomthetho zingase zandise noma zibeke imikhawulo yezindawo zokuhlala ezifanelekayo uMbungazi angakwazi ukuzinikeza. Ababungazi nezivakashi kumelwe bahambisane nalezi zimfuneko zomthetho.