Indlela aBabungazi abangazuza ngayo ekuthuthukiseni kwezivakashi ezihlala inyanga
Izivakashi emhlabeni wonke zisebenzisa i-Airbnb ukuthatha uhambo olude. Cishe ubusuku obubodwa kobuhlanu obubhukhiwe buyingxenye yokuhlala okungubusuku obungu-28 noma ngaphezulu.* Izici zakamuva zikwenza kube lula ukuthi izivakashi zithole futhi zibhukhe ukuhlala kwenyanga.
Izici zokusesha nokubhukha
Ukuphucula, okumenyezelwe njengengxenye yalokho Okukhululwa Ngo-May 2023 Kwe-Airbnb, kuhlanganisa:
- Ukusesha kwenyanga okuthuthukisiwe. Ithebhu yanyanga zonke yenza kube lula ukusesha izindlu ezitholakalayo zokuhlala isikhathi eside. Izivakashi zingahlela usuku lwazo lokuqalisa, bese zikhetha ubude besikhathi sohambo lwazo ocingweni, kusukela enyangeni eyodwa kuya kwezingu-12.
- Izinto ezivelele zendlu ekusesheni. Amasevisi ayinhloko njenge-wifi esheshayo, indawo yokusebenzela, ishaja ye-EV, nezinto ezilungele izingane (imibhede yezinsana, izihlalo eziphakeme, amathoyizi, njll.) avele ngaphansi kwesihloko sendlu yakho emiphumeleni yokusesha.
- Amanani esevisi aphansi. Sinciphisa inani lethu lesevisi yezivakashi kulabo ababhukha uhambo olude, kusukela enyangeni yesine yokuhlala kwabo.
- Uhlelo lokukhokha lwenyanga. Isivakashi sikhokhela ubusuku bokuqala obungu-30 bokuhlala kwesikhathi eside lapho sibhukha nebhalansi esele ngezitolimende zenyanga. Ngesikhathi sokuphuma, bathola ishejuli ebonisa izinsuku zesitolimende namanani afanele, ukuze bakwazi ukuhlela izindleko zohambo lwabo.
- Izaphulelo lapho ukhokha ngebhange. Izakhamuzi zase-U.S. zingathola isaphulelo ekuhlaleni komhlaba wonke kobusuku obungu-28 noma ngaphezulu lapho zikhokha ku-akhawunti yasebhange yase-U.S. exhunyiwe. Ukubhukha kumelwe kuqedwe okungenani ezinsukwini ezingu-7 ngaphambi kokungena.
Izici ezintsha azithinti iholo loMbungazi noma zishintshe ishejuli yokukhokhelwa yokuhlala isikhathi eside.
Okuvelele emakhasini endlu
Ungakhuthaza izivakashi ukuba zibhukhe ngokusetha isaphulelo senyanga nangokulungisa indlu yakho ukuze ihlanganise wonke amasevisi akho amanje. Amasevisi athandwayo ekuhlaleni kwesikhathi eside agqanyiswa ngokuzenzakalelayo phezulu emakhasini endlu.
Ngokwesibonelo, isivakashi esisesha ukuhlala kwezinyanga ezintathu eSan Francisco Bay Area singase sithole indlu enale mininingwane eboniswe kahle:
- Khokha ngenyanga. Uzokhokha ngezitolimende zenyanga.
- Ilungele umsebenzi owenziwa nomaphi lapho ukhona. I-wifi esheshayo engu-350 Mbps, kanye nendawo yokusebenzela.
- Amasevisi okuphila kwansuku zonke. UMbungazi ulungiselele le ndawo ukuze kuhlalwe isikhathi eside kuyo—ikhishi, umshini wokuwasha, umshini wokomisa, kanye nokupaka kwamahhala kufakiwe.
Uma unguMbungazi osemusha ongathanda usizo oluqondene nezidingo zakho ngokuhlala isikhathi eside, chofoza lapha futhi sizokumatanisa neNxusa elinguMbungazi ovelele ukuze uthole usizo.
*Ngokusekelwe emininingwaneni yezangaphakathi ye-Airbnb emhlabeni wonke, ukuhlala kobusuku obungu-28 noma ngaphezulu kube ngu-21% wobusuku obubhukhiwe ngo-2022 no-18% wobusuku obubhukhiwe ezinyangeni ezintathu zokuqala zika-2023.
Imininingwane equkethwe kulesi sihloko kungenzeka isishintshile kusukela sashicilelwa.