Indlela ukusesha okusebenza ngayo ku-Airbnb
Okuvelele
Inani lendlu yakho, ikhwalithi, nokuthandwa kwayo kuyayithinta indlela evela ngayo emiphumeleni yokusesha yezivakashi
Zama ukuvula izinsuku ezengeziwe ekhalendeni lakho ukuze uhambisane nezimfuneko zokusesha zezivakashi ezengeziwe
Usungule futhi washicilela indlu yakho, futhi manje ufuna abantu bayibheke. Bazoyithola kanjani? Nazi izinto ezimbalwa ongazenza ukuze uthuthukise isilinganiso sakho ekusesheni.
Qonda izinto eziyinhloko
Izibalo zokusesha ze-Airbnb zisebenzisa izici eziningi ukuze zinqume indlela izindlu ezivela ngayo emiphumeleni yokusesha. Izici ezinqumayo azinasisindo esifanayo. Inani, ikhwalithi, nokuthandwa kwendlu kunegalelo elinamandla ekutheni indlu ivela kanjani.
Lezi zibalo ziyibeka phambili ingqikithi yenani lendlu ngaphambi kwezintela (okuhlanganisa izindleko nezaphulelo), nekhwalithi yendlu, uma iqhathaniswa nezindlu ezifanayo kuleyo ndawo. Izithombe zendlu, ukuphawula kwezivakashi, nezinye izici kunganquma ikhwalithi yayo.
Ukubeka inani eliphansi nokulondoloza ikhwalithi ephezulu kungathuthukisa isilinganiso sakho, ngoba izindlu ezithandwa kakhulu kunoma isiphi isifundazwe zivame ukuba nesilinganiso esiphezulu emiphumeleni yokusesha.
Lwela ukuzenza uthandwe
Izibalo ze-Airbnb zilinganisa ukuthandwa kwendlu yakho zisebenzisa imininingwane ehlukahlukene. Lokhu kuhlanganisa ukuthi izivakashi zivame kangakanani ukubhukha indlu yakho, ukuvakashela ikhasi lendlu yakho, nokufaka indlu yakho ezinhlwini zazo zezifiso.
Izindlu ezithandwa kakhulu zivame ukuba nesilinganiso esiphezulu emiphumeleni yokusesha. Ukuze uvuse ilukuluku lezivakashi, situsa lokhu:
- Nikeza izinto ezidingekayo ezifunwa yizivakashi, njenge-wifi enejubane eliphezulu, ukuzingenela, nokupaka mahhala.
- Chaza izici ezihlukile zendawo yakho ngemininingwane ecacile evumela izivakashi zikwazi ngokuthe ngqo lokho ezingakulindela.
- Faka izithombe zekhwalithi ephezulu ezihehayo. Izithombe zekhwalithi ephezulu zingathuthukisa ukugqama kwakho esigabeni.
Vula ukutholakala okwengeziwe
Izibalo ze-Airbnb zinegalelo ekutholakaleni kwendlu yakho, izikhathi zakho zokuphendula imibuzo, nokuvama kwakho ukwamukela ukubhukha. Uma unikeza izinsuku ezengeziwe ezivulekile ekhalendeni lakho, maningi amathuba okuba indlu yakho ihlangabezane nezimfuneko zokusesha kwesivakashi futhi ivele emiphumeleni yaso yokusesha.
Izinyathelo ongazithatha ukuze uthuthukise isilinganiso sendlu yakho ekusesheni:
- Phendula izicelo zokubhukha kungakapheli amahora angu-24. Gwema ukuvama ukwenqaba izicelo zokubhukha.
- Sebenzisa Ukubhukha Okusheshayo, ukuze izivakashi zikwazi ukuthola indlu yakho uma ziyihlunga ngaleyo ndlela imiphumela yazo yokusesha. Lesi sici sivumela izivakashi ukuba zibhukhe indawo yakho masinyane (ngaphandle kwesidingo sokuba wamukele izicelo zazo), kusheshise izikhathi zakho zokuphendula.
- Nciphisa inani lemingcele oyifakayo okubhukheni, njengeminimamu nomkhawulo wobude bokuhlala.
Yamukela izivakashi ngokuphumelelayo
Ukukwazi kwakho ukusho lokho izivakashi ezingakulindela encazelweni yendlu yakho, bese uhlangabezana noma wenze okungaphezu kwalokho njengoMbungazi, ngokuvamile kuthuthukisa isilinganiso sakho ekusesheni ngokuhamba kwesikhathi.
Ukunikeza imininingwane enembile ngendawo yakho nokukhulumisana ngokucacile nezivakashi kungaholela ezilinganisweni nasekuphawuleni okuphezulu ngokuhlala kwazo nawe. Kungakusiza nokuba ugweme izikhalazo zesevisi yamakhasimende, okungaphazamisa isilinganiso sendlu yakho.
Izibalo zicabangela nokuthi unguMbungazi ovelele yini—umgomo wethu woMbungazi onesilinganiso esiphezulu, osemnkantsh'ubomvu—noma ukuthi uyahlangabezana yini nezinye noma zonke izimfuneko zokuba nguye. Izimfuneko zihlanganisa izinto ezinjengokuphendula ngokushesha ezicelweni zokubhukha zezivakashi nokugcina isibalo sokukhansela (kwakho) siphansi.
Izivakashi ziyakwazi ukukhetha ukuhlunga imiphumela yazo yokusesha ukuze zithole kuphela izindlu ezinikezwa aBabungazi abavelele.
Thola okwengeziwe eziqondisweni zethu zokusetha indlu ephumelelayo
Imininingwane ekulesi sihloko kungenzeka isishintshile selokhu sashicilelwa.
Okuvelele
Inani lendlu yakho, ikhwalithi, nokuthandwa kwayo kuyayithinta indlela evela ngayo emiphumeleni yokusesha yezivakashi
Zama ukuvula izinsuku ezengeziwe ekhalendeni lakho ukuze uhambisane nezimfuneko zokusesha zezivakashi ezengeziwe