Indlela yokuqhathanisa isilinganiso samanani ezindlu ezifanayo
ABabungazi basitshele ukuthi kungaba nzima ukwazi ukuthi ukhokhise malini. Ithuluzi lokuqhathanisa izindlu ezifanayo likuvumela ukuba uqhathanise inani lakho nesilinganiso samanani ezindlu ezifanayo eziseduze.
“Ngihlala ngihlola ukuthi amanani ami aphansi, ngakho ngifuna ukubona ukuthi abanye aBabungazi endaweni engikuyo bathola malini ubusuku ngabunye,” kusho uFelicity, oyilungu leBhodi Yabeluleki Bababungazi noMbungazi ovelele eNew South Wales, e-Australia. “Lesi sici sishintsha izinto.”
Nansi indlela yokuqhathanisa amanani:
- Iya ekhalendeni lendlu yakho.
- Khetha izinsuku ezingaba ngu-31.
- Thepha inkinobho yezindlu ezifanayo ngezansi kwenani lakho lasebusuku.
Uzobona isilinganiso samanani ezindlu ezifanayo eziseduze ebalazweni lendawo yakini. Izinkinobho ebalazweni zikuvumela ubuke izindlu ezibhukhiwe noma ezingabhukhiwe.
Amanani avela ebalazweni abonisa isilinganiso senani lendlu ngayinye ebhukhiwe noma engabhukhiwe ngezinsuku ezikhethiwe. Izici ezinquma ukuthi yiziphi izindlu ezifanayo zihlanganisa: indawo, usayizi, izici, izinto ezidingekayo, izilinganiso, ukuphawula, kanye nezinye izindlu izivakashi ezizibhrawuzayo lapho zicabangela eyakho.
Le mininingwane ikusiza ukuba uqonde kangcono amanani endawo. Ungalisebenzisa noma nini lapho usetha noma ushintsha inani lakho.
Imininingwane ekulesi sihloko kungenzeka isishintshile selokhu sashicilelwa.