Hambisa phambili ukuthola imiphumela esikiselwe

    Indlela yokusetha inani lokuhlanza

    Ungakhokhela izindleko zakho kuyilapho ugcina ingqikithi yenani lakho iphansi.
    Ngu Airbnb ngo- Nov 9, 2021
    Ungakufunda imizuzu engu-2
    Kulungiswe ngomhla ka- Nov 17, 2022

    Okuvelele

    Siyaqonda ukuthi ukubeka inani kungenye yezinto ezinzima kakhulu zokubungaza. Inani lakho lobusuku, kanye nezinye izimali ezinezelwe, kumelwe lilinganisele phakathi kokuhlangabezana nezindleko zakho zokubungaza kanye nokunikeza izivakashi inani elihle kakhulu.

    Ukufaka inani lokuhlanza

    Ukuhlala endaweni ehlanzekile kuyinto esemqoka ezivakashini. Inani lokuhlanza lingakusiza ukhokhele izinto zakho zokuhlanza noma isevisi yokuhlanzwa kwendlu okuphrofeshinali.

    Lapho ubeka inani lokuhlanza, khumbula ukuthi likhuphula inani eliyingqikithi lokuhlala. Ekuhlaleni okufushane, leli nani likhokhela ingxenye enkulu yenani eliyingqikithi kunasekuhlaleni kwesikhathi eside.

    Ukuze uhehe ukubhukha okuthe xaxa, zama ukugcina ingqikithi yenani lakho iphansi. Ungasebenzisa ithuluzi lokuhlola inani ngaphansi kokuthi Amanani nokutholakala ukuze ubone ingqikithi yenani lendlu yakho ngezinsuku ezihlukahlukene nezinhlobo zohambo. Amanani okuhlanza amba eqolo angase azidikibalise izivakashi ekubhukheni indawo yakho.

    Nakhu okumbalwa ongakucabangela:

    • Faka inani elilodwa lokuhlanza elingaguquki lezivakashi zonke, kungakhathaliseki ubude besikhathi sazo sokuhlala
    • Faka inani eliphansi lokuhlanza ekuhlaleni kwesikhashana kobusuku obubodwa noma obubili, futhi ugcine inani lakho lokuhlanza elingaguquki kukho konke okunye ukuhlala
    • Faka zonke izindleko zakho zokuhlanza noma ingxenye yazo enanini lakho lobusuku ukuze uligcine liphansi

    Ukuzilungiselela impumelelo

    Kubalulekile ukuveza lokho okungalindelwa mayelana nalokho inani lakho lokuhlanza elikuhlanganisayo. Sizwe izivakashi zithi azifuni ukwenza imisebenzi emikhulu, njengokukhipha amashidi, ukuwasha, nokuhlanza nge-vacuum.

    Kunengqondo ukucela izivakashi ukuba zenze izinto ezilula lapho ziphuma, njengokucisha izibani, ukulahla ukudla emgqonyeni, nokukhiya iminyango namafasitela.

    Uma ucabangela ukufaka inani lokuhlanza, nakhu okungcono ongakwenza:

    • Sebenzisa leli nani ukuze ukhokhele izindleko zakho zangempela zokuhlanza, hhayi njengendlela yokuthola imali eyengeziwe
    • Beka inani elingaphansi kwenani lakho lobusuku
    • Cabangela ukuthi ikhona yini enye indlela yokubuyisa izindleko zakho zokuhlanza, njengokunciphisa intela oyikhokhayo
    • Zama ukuthenga izinto zokuhlanza ngobuningi, ezivame ukwehla ngenani ngokuhamba kwesikhathi
    • Uma usemusha ekubungazeni, cabangela ukulinda ukufaka inani lokuhlanza kuze kube yilapho uba nokuphawula okumbalwa okuhle ukuze udonse ababhukhayo

    Uma kwenzeka indawo yakho noma impahla yakho yoniwa yisivakashi phakathi nokuhlala, uMshwalense womonakalo wombungazi, ingxenye ye-AirCover Yababungazi, kukhokhela ukuhlanza okungalindelekile nokunye okuningi. Ungakwazi ukucela ukubuyiselwa imali ngeSikhungo Sesixazululo.

    UMshwalense womonakalo wombungazi we-AirCover Yababungazi, uMshwalense womonakalo wesivakashi, kanye noMshwalense womonakalo wokokuzithokozisa awukhavi aBabungzi abanikeza ukuhlala noma Okokuzithokozisa e-Japan, lapho i-Japan Host Insurance kanye ne-Japan Experience Protection Insurance kusebenza khona, noma aBabungazi abanikeza ukuhlala nge-Airbnb Travel LLC. KuBabungazi abanikeze ukuhlala noma okokuzithokozisa e-mainland China, kusebenza i-China Host Protection Plan. UMshwalense womonakalo wombungazi awuhlobene noMshwalense womonakalo wesivakashi. Khumbula ukuthi kuneminye imigomo, imibandela, nokunye okungafakiwe.

    Uma ubungaza ukuhlala e-U.K., inqubomgomo yoMshwalense womonakalo wesivakashi ibhaliswe yi-Zurich Insurance PLC, futhi yahlelelwa futhi yaphothulelwa aBabungazi base-U.K. ngaphandle kwezindleko ezengeziwe yi-Airbnb U.K. Services Limited, ummeleli oqokiwe we-Aon U.K. Limited, egunyazwe futhi eqondiswa yi-Financial Conduct Authority. Inombolo yokubhalisa ye-FCA ye-Aon ithi 310451. Ungahlola lokhu ngokuvakashela i-Financial Services Register noma ngokuthinta i-FCA kule nombolo +44 0800-111-6768. Imikhiqizo yomshwalense ehlelwe yi-Airbnb U.K. Services Limited iyimikhiqizo elawulwayo.

    Imininingwane ekulesi sihloko kungenzeka isishintshile selokhu sashicilelwa.

    Okuvelele

    Airbnb
    Nov 9, 2021
    Ingabe lokhu kube wusizo?