Hambisa phambili ukuthola imiphumela esikiselwe
    Lokhu okuqukethwe akutholakali ngolimi lwakho olukhethiwe, yingakho sikwenze kwatholakala ngolimi oluseduze kakhulu olutholakala manje.

    Ukusetha inani lanyanga zonke lokuhlala kwesikhathi eside

    La mathuluzi agcina izibalo zilula futhi angathuthukisa ukukhanga kwendlu yakho.
    Ngu Airbnb ngo- Mey 11, 2021
    Ungakufunda imizuzu engu-2
    Kulungiswe ngomhla ka- Mey 11, 2022

    Okuvelele

    • Ukunikeza inani elinesaphulelo ekuhlaleni kwesikhathi eside kungaheha izivakashi ukuba zibhukhe

    • Ungasetha amanani aqokiwe enyangeni ngayinye yekhalenda ezayo

    Onyakeni odlule, sibone ukuhlala kwenyanga kuya ngokuya kuthandwa njengoba izivakashi eziningi zamukela umqondo wokuhlala noma kuphi. Uhambo olulodwa koluyisihlanu ku-Airbnb ngelobusuku obungu-28 noma ngaphezulu, futhi izindlu ezingaphezu kwesigamu emhlabeni jikelele zinamanani anesaphulelo okuhlala kwesikhathi eside.*

    Izaphulelo zenyanga zingakusiza ugcwalise ikhalenda lakho lokubungaza futhi wenze imali oyifunayo endlini yakho. Ungasebenzisa amathuluzi ethu okubeka amanani enyanga ukuze usethe isaphulelo esingashintshi kukho konke ukuhlala kwesikhathi eside noma inani eliqokiwe ngenyanga yekhalenda.

    “Ukunikeza ngesaphulelo ekuhlaleni kwesikhathi eside kuyindlela enhle yokuheha izivakashi ukuba zibhukhe,” kusho uMbungazi u-Oliver wase-New York City. “Ukubhukha kwanyanga zonke kuvame ukusho umsebenzi omncane wokuba ngingenise izivakashi.”

    Indlela yokusetha isaphulelo senyanga

    Ukufaka inani elinesaphulelo kulula, kodwa izinyathelo nezindlela ongazikhetha kuyehluka kuye ngokuthi usebenzisa i-app yeselula noma ibhrawuza yewebhu. Nansi indlela yokusetha isaphulelo senyanga esingashintshi esifakwa unyaka wonke:

    • I-app yeselula. Khetha indlu yakho bese uthepha okuthi Amasethingi okubhukha. Ngaphansi kokuthi Ukubeka inani, thepha Amanani obude bokuhlala kanye nokuthi Isaphulelo senyanga. Faka iphesenti lenani lakho lobusuku ongathanda ukulinikeza njengesaphulelo. Thepha inkinobho ethi Gcina uma usuqedile.
    • Ibhrawuza yewebhu. Khetha indlu yakho bese uchofoza noma uthephe okuthi Amanani nokutholakala, bese uchofoza Izaphulelo. Eceleni kokuthi Izaphulelo zenyanga, chofoza noma uthephe okuthi Hlela. Faka iphesenti lenani lakho lobusuku ongathanda ukulinikeza njengesaphulelo. Chofoza inkinobho ethi Gcina uma usuqedile.

    Ithuluzi lokubeka amanani libala ngokuzenzakalelayo isaphulelo sakho senyanga ngokuphindaphinda inani lakho lobusuku ngamaphesenti akho ngobusuku ngabunye bokubhukha (kobusuku obungu-28 noma ngaphezulu). Libe selifaka isaphulelo sakho engqikithini yesivakashi.

    Ngamanani enyanga aqokiwe, ungabeka inani le-dollar elihlukile lenyanga ngayinye yekhalenda ukuze ulungiselele ukushintsha kwenkathi yonyaka.

    Uma ungathanda ukushintshashintsha isaphulelo sakho unyaka wonke, ungenza kanjalo usebenzisa ibhrawuza yewebhu. Ngaphansi kokuthi Izaphulelo zenyanga, chofoza okuthi Setha inani eliqokiwe lenyanga ethile. Sebenzisa imenyu yohlu ukuze ukhethe noma iyiphi inyanga eseza ekhalendeni bese ufaka inani lakho oliqokile njengenani le-dollar (esikhundleni samaphesenti).

    Indlela yokuqoka inani lenyanga ikuvumela ukuba usabele ezinguqukweni zasendaweni okuyo. Ngokwesibonelo, uma unendlu eseduze nebhishi noma indawo yokutshuza eqhweni, ungakhetha ukunganikezi isaphulelo phakathi nenkathi enokubhukha okuningi futhi wehlise inani lakho phakathi nezinyanga ezingenakubhukha okuningi.

    Khumbula ukuthi la manani enyanga azongena ngokuzenzakalelayo esikhundleni sezaphulelo zeviki noma zenyanga obukade uzisethile.

    Yiziphi izindleko okufanele uzicabangele

    Kungenzeka usunayo kakade inombolo engqondweni yenani lakho lenyanga. Uma ujwayele ukubungaza ukuhlala kwesikhathi esifushane okunezikhala phakathi kwezivakashi, kuwumqondo omuhle ukucabangela ukuthi ukubhukha isikhathi eside okumbalwa ngenani eliphansi kungazikhava ngendlela efanayo izindleko zakho.

    Ukuhlala isikhathi eside kuvame ukusho amanani aphakeme okuhlala nokungenisa izivakashi okumbalwa, izidingo zezivakashi nemiyalezo embalwa okufanele uyimenenje, kanye nenani lemali engenayo elingaguquki kunelokuhlala kwesikhathi esifushane. Njengasekuhlaleni okufushane, ungase ufune ukucabanga ngezindleko ezinjengalezi:

    • Isikweletu sendlu noma somqasho. Leli nani linganikeza isiqalo sokusetha inani lakho lenyanga.
    • Izindleko ezivamile. Lokho okukhokhayo kumasevisi (amanzi, igesi, ugesi), amasevisi ashejuliwe anjengokuhlanza nokwenza ingadi, nezinto okhetha ukuzinikeza izivakashi (insipho eyengeziwe, izinto zokupheka eziyisidingo, njll.) kungahlanganiswa enanini lakho.
    • Izindleko zokulungisa. Imali oyisebenzisayo endaweni yakho ukuze uyenze ithokomale kakhudlwana ezivakashini, kusukela ekwakheni kabusha kuya ekulungisweni, ungayifaka enanini lakho.

    “Kungumqondo omuhle ukuhlanganisa imali oyitholayo ngenyanga lapho izivakashi zibhukha ubusuku ngabunye,” kusho u-Oliver. “Khona-ke ungalungisa isaphulelo sakho sanyanga zonke ukuze sifane, okusiza ukugcina iholo lakho linokwethenjelwa kakhudlwana.”

    *Ngokusekelwe kudatha yezangaphakathi ye-Airbnb yomhlaba wonke, ukuhlala kobusuku obungu-28 noma ngaphezulu kuthathe ubusuku obubodwa kobuhlanu obubhukhiwe ngo-2021. Izindlu ezingaphezu kukahhafu emhlabeni wonke zinikeza izaphulelo ekuhlaleni kwenyanga eyodwa noma ngaphezulu kusukela ngo-December 31, 2021.

    Imininingwane ekulesi sihloko kungenzeka isishintshile selokhu sashicilelwa.

    Okuvelele

    • Ukunikeza inani elinesaphulelo ekuhlaleni kwesikhathi eside kungaheha izivakashi ukuba zibhukhe

    • Ungasetha amanani aqokiwe enyangeni ngayinye yekhalenda ezayo

    Airbnb
    Mey 11, 2021
    Ingabe lokhu kube wusizo?