Yeqela kokuqukethwe
    Hambisa phambili ukuthola imiphumela esikiselwe

    I-Mainland China: Izimo ezingalindelekile ze-COVID-19

    Lesi sihloko sichaza okuhlanganisiwe nge-COVID-19 ngaphansi komthetho wethu wezimo ezingalindelekile ngokubhukha okwenziwe yizivakashi ezivela ezweni lase-China kanye nokubhukha kwezindawo zokuhlala Nokokuzithokozisa kwe-Airbnb ezweni lase-China. Uma ukubhukha sekuvele kuqalile (ukungena sekudlulile) lesi simo esingalindelekile asisebenzi. Funda isihloko somhlaba jikelele sezimo ezingalindelekile nge-COVID-19ukuze uthole imininingwane yokunye ukubhukha.

    Ezivakashini ezinokubhukha ezweni lase-China

    • Uma uhamba usuka ezweni lase-China uya kwenye indawo esezweni lase-China, lo mthetho wezimo ezingalindelekile usebenza kunoma yikuphi ukubhukha okwenziwe ngomhla ka-January 28, 2020, noma ngaphambi kwalokho, okunosuku lokungena phakathi kuka-January 28, 2020 no-April 1, 2020. Ukubhukha okwenziwe ngomhla ka-January, 28, 2020 noma ngaphambi kwalokho, okunosuku lokungena ngemva kuka-April 1, 2020, noma ukubhukha okwenziwe ngemva kuka-January 28, 2020, ngeke kufakwe ngaphansi komthetho wethu wezimo ezingalindelekile, ngaphandle kwalapho isivakashi noma umbungazi ephethwe yi-COVID- 19 njengamanje. Inqubomgomo yokukhansela yombungazi izosebenza njengokujwayelekile.
    • Uma uhamba uya ezweni lase-China usuka noma kuphi ngaphandle kwezwe lase-China, bheka isihloko sethu somhlaba jikelele nge-COVID-19 sezimo ezingalindelekile ukuze uthole imininingwane yokuhlanganisiwe.

    Kubabungazi abanokubhukha ezindaweni ezisezweni lase-China

    • Uma isivakashi sakho sihamba sisuka ezweni lase-China, lo mthetho wezimo ezingalindelekile usebenza kunoma yikuphi ukubhukha okwenziwe ngo-January 28, 2020 noma ngaphambi kwalokho, okunosuku lokungena phakathi kuka-January 28, 2020 no-April 1, 2020. Ukubhukha okwenziwe ngomhla ka-January 28, 2020 noma ngaphambi kwalokho, okunosuku lokungena ngemva kuka-April 1, 2020, noma ukubhukha okwenziwe ngemva kuka-January 28, 2020, ngeke kufakwe ngaphansi komthetho wethu wezimo ezingalindelekile, ngaphandle kwalapho isivakashi noma umbungazi ephethwe yi-COVID-19 njengamanje.
    • Uma isivakashi sakho sihamba sivela noma kuphi ngaphandle kwezwe lase-China, bheka isihloko sethu somhlaba jikelele nge-COVID-19 sezimo ezingalindelekileukuze uthole imininingwane yokuhlanganisiwe.

    Indlela okusebenza ngayo

    Uma ukubhukha kwakho kuhlanganisiwe, kuzophawulwa ngaleyo ndlela ekhasini lemininingwane yokubhukha (etholakala endaweni ethi Uhambouma uyisivakashi, noma ku-dashbhodi yakho yokubungaza uma ungumbungazi).

    Ezivakashini:Uma ukhansela ukubhukha okuhlanganisiwe, uzobuyiselwa imali ephelele. Awudingi ukuxhumana nathi kulokhu. Okwengeziwe maqondana nendlela ukubuyisela imali okusebenza ngayo.

    Kubabungazi: Uma ukhansela ukubhukha okuhlanganisiwe, ngeke ukhokhiswe, ngeke sithinteke isimo sakho sokuba Umbungazi Ovelele futhi i-Airbnb izobuyisela yonke imali yamanani esevisi. Awudingi ukuxhumana nathi kulokhu.

    Uma ukubhukha kwakho kungahlanganisiwe, inqubomgomo yokukhansela yombungazi izosebenza njengokujwayelekile. Sikukhuthaza ukuthi uthintane nombungazi wakho noma isivakashi sakho futhi nixoxisane ngokukhansela nokubuyiselwa kwezimali.

    Imininingwane eyengeziwe

    Ungafunda futhi nomthetho wezimo ezangalindelekile ukuze ufunde ngokuhlanganiswa kwezimo ezingahlobene ne-COVID-19.

    Sicela ukuthi wonke amalungu omphakathi angayikhohlwa inhlonipho, ukungabandlululi kanye nomthetho wethu wokungabandlululi lapho uxhumana namanye amalungu omphakathi wethu.

    Sizoqhubeka sihlola ukusebenza kwalo mthetho. Sicela uhlale unake leli khasi ukuze uthole ezakamuva nemininingwane emisha.

    Ulutholile usizo obuludinga?

    Ngena ngemvume ku-akhawunti ukuze uthole usizo olwenzelwe wena

    Thola usizo ngokubhukha kwakho, i-akhawunti nokuningi.
    Bhalisa