Vuselela indlu yakho
Ukubungaza kwezinkanyezi ezinhlanu kuqala ngokuveza ngokucacile lokho okungalindelwa ekhasini lendlu yakho. Izivakashi zifuna indawo yakho ibe sesimweni esihle futhi ifane nasezithombeni zakho. Zifuna nokuthi zonke izinto ezidingekayo ozifakile zitholakale futhi zisebenziseke kalula.
Izivakashi ngeke zizibuze noma zenze iphutha ngendawo yakho uma unikeza imininingwane eyengeziwe. Uzothola amathuluzi owadingayo ukuze uvuselele imininingwane yendlu yakho kokuthi Ithebhu yezindlu.
Sungula izithombe zamagumbi
Siza izivakashi ziqonde indlela indlu yakho ehlelwe ngayo ngokusebenzisa izithombe zamagumbi ukuze uhlele ngokuzenzakalelayo izithombe zendlu yakho ngokwamagumbi.
Qala ngokufaka izithombe zamanje zawo wonke amagumbi nezindawo ezihlanganyelwayo.
- Sebenzisa izithombe zekhwalithi ephezulu. Thatha izithombe ezivundlile ngokukhanya okwanele. Aphuloda usayizi wefayela omkhulu kunawo wonke, okungenani amaphikseli angu-1024 x 683. Cabangela ukuqasha umthwebuli wezithombe oyiphrofeshinali.
- Aphuloda izithombe ezingaphezu kwesisodwa egunjini ngalinye. Nikeza inhlanganisela yezithombe ezibanzi, ezibuqamama, neziseduze. Thwebula imininingwane ewusizo useduze, njengeshaja yocingo eyi-universal eceleni kwetafulana lasekamelweni noma endaweni yokwenzela ikhofi netiye ekhishini.
- Gqamisa izici nezinto ezidingekayo. Nikeza izithombe zamalungiselelo okulala, izindawo ezingaphandle, nanoma yiziphi izici ezikhethekile zezilwane ezifuywayo, imindeni enezingane, noma abantu abasebenzela ekhaya.
- Faka izici zezidingo zabanokukhubazeka. Bonisa indlela indawo yakho engahlalisa ngayo abantu abahlulekayo ukuzihambela. Qiniseka ukuthi ufunda iziqondiso ze-Airbnb zokuthwebula izithombe zezici zezidingo zabanokukhubazeka.
Okulandelayo, landela lezi zinyathelo ukuze ufake izithombe zakho zamagumbi.
Khetha okuthi Sungula izithombe zamagumbi. Uhlelo lwe-Airbnb lwe-AI luhlela ngokushesha izithombe zendlu yakho zibe izinhlobo ezingu-19 zamagumbi nezindawo. Izithombe engaziqapheli zingena ngaphansi kokuthi Izithombe ezengeziwe.
Buyekeza izithombe zamagumbi. Qinisekisa ukuthi ufake okungenani isithombe esisodwa segumbi ngalinye ekhaya lakho. Ungahambisa, ufake, noma udilithe izithombe.
Faka izincazelo ezicacile zesithombe ngasinye ezichaza lokho igumbi noma indawo ngayinye ekunikezayo.
Ukuze ubuyekeze indlela izithombe zakho ezivela ngayo endlini yakho, iya kokuthi Indawo yakho bese uthepha inkinobho ethi Buka.
“Abantu abaningi bayabuka futhi bangase bachithe isikhathi esiningi ezithombeni zakho kunasencazelweni yendlu yakho,” kusho u-Sadie, uMbungazi ovelele wase-Santa Fe, e-New Mexico.
Lungisa incazelo yendlu yakho
Izivakashi zifuna amakhaya ku-Airbnb ahambisane nezincazelo zendlu. Amakhasi endlu asezingeni eliphakeme akuchaza ngokunembile lokho izivakashi ezingalindela ukukubona, ukukuzwa, nokukujabulela endaweni yakho phakathi nokuhlala kwazo.
Hlola ukuthi Isihloko sendlu yakho sinayo imininingwane ehlukile emayelana nekhaya lakho nendawo eyizungezile. Ngokwesibonelo, okuthi “Isitudiyo esingenamsindo eduze ne-Uffizi” kuchaza ngamagama ambalwa ukuthi indawo iyifulethi elimaphakathi neFlorence, e-Italy.
Ngaphansi kokuthi Incazelo yendlu, tshela izivakashi ukuthi kunjani ukuhlala endaweni yakho. Nikeza imininingwane ewusizo emayelana nendawo okuyo, imihlobiso, noma ukungenisa izihambi. Ngokwesibonelo, ungachaza ukuthi idekhi ibheke insungubezi lapho kushona ilanga noma ukuthi ikhaya lakho lingaphezu kwendlu yekhofi ematasa kusukela ngo-6:00 AM kuya ku-10:00 PM.
Ngaphansi kokuthi Indlu yakho, nikeza incazelo yamagumbi nezindawo zakho. Sebenzisa le ndawo ukuze ugcizelele imininingwane ewusizo engase ibuzwe yizivakashi. Ngokwesibonelo, ungase usho ukuthi igceke elingemuva libiyelwe, futhi kunendawo evulekile okungagijima kuyo izingane nezilwane ezifuywayo.
Ngaphansi kokuthi Ukwabelana ngendawo, ungasetha nendawo eqondile yendlu yakho ukuze usize izivakashi ziqonde indawo. Ngaphandle kwalokho, zizobona kuphela indawo ezungezile kuze kube ngemva kokubhukha.
Izincazelo ezicacile zivame ukusebenza kangcono. Ukuba nehaba ngalokho okunikezayo kungaholela ekudumazekeni nasekuphawuleni okungekuhle.
Faka izinto ezidingekayo
Ithuluzi lokulungisa indlu lenza ukufaka izinto ezidingekayo kube lula kunanini ngaphambili.
Ngaphansi kokuthi Izinto ezidingekayo, thepha uphawu lokuhlanganisa (+). Ungabuka izinto ezidingekayo ezingaba ngu-150 ngezigaba noma ngokokulandelana kwama-alfabhethi, noma useshe okukodwa ngegama.
Khetha uphawu lokuhlanganisa eceleni kwanoma yisiphi isici ikhaya lakho elinaso.
Thepha inkinobho ethi Ukubuka ukuze ubone ngokuqondile ukuthi ukulungisa okwenziwe ekhasini lendlu yakho kuzobukeka kanjani ezivakashini.
Kubalulekile ukufaka zonke izinto ozidingayo nokugcina yonke into isebenza kahle. Izivakashi zingahlunga ukusesha kwazo ngezici nangezinto ezidingekayo ezithandwayo njenge-air conditioning, ukupaka mahhala, nomshini wokuwasha nowokomisa.
Lungisa indlu yakho
Imininingwane ekulesi sihloko kungenzeka isishintshile selokhu sashicilelwa.