Hambisa phambili ukuthola imiphumela esikiselwe
    Lokhu okuqukethwe akutholakali ngolimi lwakho olukhethiwe, yingakho sikwenze kwatholakala ngolimi oluseduze kakhulu olutholakala manje.

    Umphakathi owabelanayo: Uhlelo lwababaleki base-Afghanistan lwe-Airbnb.org

    Ukuhlala kwe-Airbnb.org kunikeza indawo yokulala nokululama kubabaleki base-Afghanistan.
    Ngu Airbnb ngo- Dis 2, 2021
    Ungakufunda imizuzu engu-2
    Kulungiswe ngomhla ka- Dis 2, 2021

    Okuvelele

    Isekelwa umoya wenu wokupha, i-Airbnb.org izibophezele ekunikezeni izindawo zokuhlala zesikhashana kubabaleki base-Afghanistan abantu-20,000 ekusizeni kule nhlekelele yase-Afghanistan. Lo mzamo uxhaswa yi-Airbnb, u-Brian Chesky, nabanye abaxhasi—okuhlanganisa Ababungazi be-Airbnb.

    Abaningi benu bavule amakhaya kubabaleki mahhala noma ngesaphulelo, bamukela ababaleki njengoba bethuthela ezindaweni ezintsha emhlabeni jikelele. Sisanda kuxoxa noMbungazi we-Airbnb.org nesivakashi ngalokho okwenzekile nangalokho lolu hlelo olukushoyo kubo.

    (Amanye amagama ashintshiwe ukuze kuvikelwe iphrayivesi yabo.)

    Ubuciko nokululama endaweni entsha

    U-Shaheen usanda kuhamba e-Afghanistan futhi uqala ukuphila okusha e-United States. Ukushiya ikhaya—okuhlanganisa umkakhe nezingane ezintathu—kube nzima, kodwa uthi kuyamduduza ukuphumela ngaphandle, azindle, futhi asebenzise ubuciko. Uyahamba epaki eliseduze nekhaya lakhe elisha, ahlale ngasemtateni, athwebule izintaba, izihlahla, nezimbali. Kamuva, usebenzisa lezo zithombe ukuze adwebe.

    “Nginciphisa ukucindezeleka kosuku ngokudweba nokwenza i-calligraphy,” kusho u-Shaheen. Lokhu kumgcina ezolile futhi exhumene nekhaya lakhe e-Afghanistan, kuyilapho ebhekana nokuhlukaniswa nomndeni wakhe.

    Uthi, “Ngokoqobo ngilapha, kodwa ingqondo yami ile.” U-Shaheen uthi okwenzekile kuye njengombaleki kuhlanganisa usizi lwesikhathi esidlule, ukujwayelana nendawo entsha manje, nokungaqiniseki ngekusasa.

    Uthi, “Lena akuyona nje indaba yami kuphela, yindaba yezinkulungwane zabantu.” “Kunzima ukuwela lo mgwaqo. Awuyazi indlela yokuthenga, awukwazi ukubhala. Konke kuhlukile.”

    Lapho efika e-United States, u-Shaheen wafuna ukuzimela kanye nomphakathi. Nge-Lutheran Social Services, wathola imali, ukudla, nendawo yamahhala yokuhlala nge-Airbnb.org ukuze asize ekwenzeni ukuqala kabusha kube lula.

    Ukuhlala kwakhe kukhulise umbono ka-Shaheen ngekhaya nangomphakathi ngezindlela abengazilindele.

    Ngizizwa sengathi ngihlala endlini yami. Ngisho noma ngingayazi le ndawo, ngingabazi abantu, ngizizwa ngiphephe ngokuphelele futhi ngijabulile lapha.”
    Shaheen,
    umbaleki wase-Afghanistan e-U.S.

    U-Shaheen uthi uyabazisa ubungane bakhe noMbungazi wakhe. U-Shaheen uyaqala ngqa ukuhlala efulethini, ngakho Umbungazi wakhe wambonisa indlela yokusebenzisa ibhokisi lesikhiye nokungena esakhiweni. Bahlela ukuba nelantshi ndawonye ngaphambi kokuba u-Shaheen athuthele kwenye indawo.

    U-Shaheen usazama ukwamukela ushintsho lokuphila kwakhe okusha eMelika nokuphila akushiyile e-Afghanistan. Njengoba u-Shaheen efisa ukuphinde ahlangane nomndeni wakubo, unethemba emandleni amazwi akhulunywayo. Uthi, “Ngifuna ukwabelana ngezwi lenhliziyo yami.” “Ngizifunela ukuthula mina nabantu bakithi. Ngifuna ukunikeza izingane zami ithemba, kusukela lapha. Ngifuna ziyazi inkululeko.”

    Ikhaya njengendawo yokuphumula nokululama

    U-Melissa waba Umbungazi we-Airbnb ngo-March 2021. Nge-Airbnb.org, ubungaze ukuhlala kwamahhala komndeni ophazanyiswe Isiphepho u-Ida, futhi manje unikeza indawo yakhe kubantu abadinga usizo ngezinye izikhathi zobunzima.

    Lapho ezwa ngezinkulungwane zababaleki ababalekayo e-Afghanistan, u-Melissa wayemagange ukusiza. Wasabela ku-YMCA yasendaweni yakubo, uphathina we-Airbnb.org, lapho inhlangano ifaka isicelo sothile ongahlalisa umndeni wabantu abayisikhombisa.

    U-Melissa wayazi ukuthi indawo yakhe inkulu ngokwanele ukuba ibahlalise kahle. Ubuciko bakhe bemvelo endlini yakhe kwamnika indlela yokuxhumana nezivakashi zakhe nokuzinika usizo.

    “Ngemva kokuba indodakazi yami isiye ekolishi, indlu yami yasala ikhala ibhungane,” kusho u-Melissa. “Ukubungaza kungisizile ngaqeda umzwangedwa. Kumnandi ukubona izingane zidlala egcekeni, imindeni ipheka futhi idlala ngemidlalo yami yamabhodi.”

    Izingane bezinelukuluku lokwazi ngendlela enginika ngayo izinyoni ukudla. “Nginencwadi ethi Backyard Birds in Texas nezibonakude. Ngabonisa izingane nomama wazo izinyoni ezihlukahlukene ongazibona lapha,” kusho u-Melissa. Bakujabulela ukuthola ama-cardinal nama-bluejay phakathi nokuhlala kwabo.

    U-Melissa uyalwazisa usizo olukhulu lomphakathi wakubo ekwenzeni lo mndeni uzizwe wamukelekile ekhaya lawo lesikhashana.

    “I-YMCA yanginikeza ifriji eligcwele ukudla.” kusho u-Melissa. “Noma yini umndeni ofuna ukuyipheka, kuhlanganise nezinongo ezi-halal. Baletha nemigqomo kapulasitiki emithathu egcwele izinto zezinsana, izinto zokugeza, nezinto zesikole.”

    U-Dario Lipovac, i-Senior Program Director of the Houston YMCA, uthi kuyo yonke iminikelo inhlangano yakhe eyitholayo, eyokuhlalisa abantu iwusizo ngempela. “Kusho lukhulu ngabantu abavumayo ukwamukela abantu abangabazi ezindlini zabo, nomphakathi obungazayo onikeza usizo. Kukhuthaza ubunye ukubona abantu bethi, ‘Yini esingayenza ukuze sisize?’”

    Funda indlela ongasiza ngayo ababaleki nge-Airbnb.org

    Okuvelele

    Airbnb
    Dis 2, 2021
    Ingabe lokhu kube wusizo?