Ithebhu ethi Imiyalezo iyi-inbox yakho entsha

Imiyalezo yakho yokubungaza, yokuvakasha, neyabosizo manje isendaweni eyodwa.
Ngu Airbnb ngo- Mey 1, 2024
Ungakufunda imizuzu engu-2
Kulungiswe ngomhla ka- Mey 1, 2024

ABabungazi basebenzisa ama-inbox abo ukwedlula noma iyiphi enye ingxenye ye-app. Ngethebhu entsha ethi Imiyalezo, ukuxhumana ku-Airbnb kuyashesha futhi kulula.

I-inbox yakho edizayinwe kabusha ibeka yonke imiyalezo yakho yokubungaza, yokuvakasha, neyabosizo endaweni eyodwa. Ithebhu ethi Imiyalezo ikuvumela wenze lokhu:

  • Ukuhlunga imiyalezo ngokuthepha noma ngokuchofoza.
  • Ukukhuluma engxoxweni yeqembu nazo zonke izivakashi ezijoyina ukubhukha.
  • Ukuphendula imibuzo yezivakashi ngokuphumelelayo ngezimpendulo ezisheshayo ezisikiselwe yi-AI.
  • Ukuphendula ngama-emoji emiyalezweni.
  • Ukusesha kuyo yonke imiyalezo yakho kalula.

Idizayini entsha nezihlungi ezisheshayo

Ukubuka okuzenzakalelayo kuthebhu ethi Imiyalezo kubonisa yonke imiyalezo yakho. Khetha okuthi Ukubungaza, Ukuvakasha, noma Usizo ukuze uhlunge imiyalezo ngohlobo.

Kokuthi Ukubungaza, ungasebenzisa lezi zihlungi ezengeziwe:

  • Okuthi Akufundiwe kubonisa kuphela imiyalezo engakavulwa.
  • Isiteji sohambo sihlela imiyalezo ngokwezicelo zokubhukha, ukubhukha okuzayo, ukubungaza kwamanje, noma ukubhukha okwedlule.
  • Izindlu zihlela imiyalezo ngokwendlu uma unengaphezu kweyodwa.
  • Okunenkanyezi kubonisa kuphela imiyalezo oyiphawule ngenkanyezi.

Uma unoMbungazi Ongumsizi, uyiNxusa elinguMbungazi ovelele, noma ubungaza Okokuzithokozisa, uzothola nalezi zihlungi kuthebhu ethi Imiyalezo:

  • UMbungazi Ongumsizi ibonisa izingxoxo phakathi kwakho nanoma yibaphi aBabungazi Abangabasizi endlini.
  • INxusa elinguMbungazi ovelele ibonisa imiyalezo ephakathi kwakho naBabungazi omataniswe nabo.
  • Okokuzithokozisa kukuvumela ufunde imiyalezo ehlobene nalokho kubhukha.

Ukubhukha ngakunye okusha kuqala ingxoxo entsha. Yonke ingxoxo inelebula, njengokuthi Isicelo sohambo noma uMbungazi Ongumsizi, ukuze usheshe ubone ukuthi imayelana nani. Ichashaza eliluhlaza libonisa ukuthi umyalezo ubhekisela ekubhukheni kwamanje noma okuzayo. Amachashazi abomvu abonisa ukuthi udinga ukuthatha isinyathelo, njengokuphendula isicelo sohambo.

Sebenzisa isihlungi esithi Uhambo ukuze ubuke imiyalezo oyithumelayo noyitholayo njengesivakashi. Isihlungi ethi Usizo sihlunga imiyalezo yakho ngokwaBosizo Lwe-Airbnb.

Ukuthumelelana imiyalezo neqembu lezivakashi

ABabungazi manje bangaxhumana nazo zonke izivakashi ezijoyina uhambo. Nansi indlela imiyalezo yeqembu esebenza ngayo: 

  • Isivakashi esibhukhile simema abanye abantu ukuba bajoyine ukubhukha kwaso. 
  • Noma yisiphi isivakashi esivumayo sifakwa ekubhukheni nasengxoxweni yeqembu yalolo hambo. Izivakashi zingayifunda yonke imiyalezo—ngisho noma zijoyina kamuva.
  • Uthumela imiyalezo kubo bonke engxoxweni yeqembu. 
  • Khetha inkinobho ethi Imininingwane ukuze uthole imininingwane eyengeziwe mayelana nokubhukha nengxoxo, kuhlanganise nohlu lwabo bonke abajoyinile.
  • Khetha isithombe sesivakashi ukuze ungene kuphrofayili yaso futhi ufunde kabanzi ngokuthi ubani ombungazayo.

Izimpendulo ezisheshayo ezisikiselwe yi-AI

Izimpendulo ezisheshayo zingamathempulethi emiyalezo owasungulayo ukuze uphendule imibuzo evamile emayelana nokungena, ukuphuma, nokunye. Kudingeka uzisethe izimpendulo ezisheshayo ukuze usebenzise isici esisha sezimpendulo ezisheshayo ezisikiselwe yi-AI.

Lesi sici sisebenzisa i-AI ukuze siqonde umbuzo wesivakashi bese sisikisela ngokuzenzakalelayo enye yezimpendulo zakho ezisheshayo njengempendulo. Impendulo esheshayo esikiselwe ivela engxoxweni yeqembu, lapho kunguwe kuphela ongayibona khona. Ungahlola futhi ulungise ngaphambi kokuthumela umyalezo.

Ukuphendula ngama-emoji

Ithebhu ethi Imiyalezo ikuvumela uphendule imilayezo ngokufaka ama-emoji. Noma ubani engxoxweni angasebenzisa ubuso obumamathekayo, inhliziyo, izithupha, ukushaya izandla, noma i-emoji ehlekayo ukuze asabele emiyalezweni.

Ukusesha kuyo yonke imiyalezo yakho

Udinga ukuthola ingxoxo ethile? Ithuluzi lokusesha eliphuculiwe libheka kuyo yonke imiyalezo yakho.

Ungasesha imiyalezo ngegama lomuntu noma igama noma ibinzana elithile. Imiphumela ibheka noma yiziphi izihlungi ozifakile, ikusize uthole izingxoxo ngokushesha.

Zama ithebhu ethi Imiyalezo namhlanje uma ubhalisa kokuthi Imvume Yabokuqala.

Imibuzo Nezimpendulo zethebhu ethi Imiyalezo

Imininingwane ekulesi sihloko kungenzeka isishintshile selokhu sashicilelwa.

Airbnb
Mey 1, 2024
Ingabe lokhu kube wusizo?