Izindawo zokuvakasha ezithrendayo ezihamba phambili njengamanje ku-Airbnb
I-Airbnb ilindele ukungena kwezivakashi okungaphezu kwezigidi ezingu-300 emhlabeni wonke kulo nyaka. Kodwa ukubhukha okuthrendayo ngo-June, ngo-July, nango-August izivakashi ezikuseshile ezinyangeni ezintathu zokuqala zonyaka kungakumangaza. Izindawo ezithrendayo zisekelwe ezindaweni ezibe nokwanda okukhulu kunakho konke ekusesheni uma kuqhathaniswa nasonyakeni odlule.
Izindawo ezithrendayo ezihamba phambili emhlabeni wonke
Emazwekazini amane, izindawo ezithrendayo emhlabeni wonke kube yilezi:
Kuta Utara, Bali
Ksamil, Albania
Barcelona, Spain
London, England
Gotland, Sweden
Louisville, Kentucky, U.S.
Rome, Italy
Rouen, France
Marrakesh, Morocco
Grindelwald, Switzerland
Izindawo ezihamba phambili zendawo ezivakashini zase-U.S.
Izivakashi zase-U.S. kubonakala sengathi zisesha indawo enelanga nesihlabathi—nakuba zibe khona nezifundazwe ezimbalwa eziphakathi nezwe. Izindawo ezithrendayo zase-U.S. kube yilezi:
Louisville, Kentucky
Laconia, New Hampshire
Lexington, Kentucky
Pittsburgh, Pennsylvania
Panama City, Florida
Milwaukee, Wisconsin
Surf City, New Jersey
Bolivar Peninsula, Texas
Kansas City, Missouri
North Topsail Beach, North Carolina
Izindawo ezihamba phambili emhlabeni wonke zezivakashi zase-U.S.
Izivakashi zase-U.S. nazo zimagange ukuya kwamanye amazwe. Ukusesha okuthrendayo bekuyilokhu:
Mykonos, Greece
Niagara Falls, Canada
Interlaken, Switzerland
Amalfi, Italy
Florence, Italy
Bangkok, Thailand
Sorrento, Italy
Toronto, Canada
Rio de Janeiro, Brazil
Banff, Canada
Izindawo ezithrendayo ezihamba phambili kokuthi Airbnb Amagumbi
Izindawo ezinhlanu ezibe nokwanda kunazo zonke ekubhukhweni kwamagumbi aphrayivethi phakathi kuka-April 1, 2022, no-March 31, 2023, uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule yilezi:
Mapo-gu, Seoul, Korea
Melbourne, Australia
Warsaw, Poland
Sydney, Australia
Florence, Italy
Uma kuwukuthi unguMbungazi kunoma iyiphi kulezi zindawo, kunezinto ezimbalwa ongazenza ukuze ulungele inkathi yonyaka ematasa. Futhi uma kungenjalo, ungathola ugqozi oluvela kule mininingwane ukuze ubuyekeze indlu yakho.
Ngokwesibonelo, uma unendawo yokubhukuda, cabangela ukushintsha isithombe sakho sekhava ufake isithombe sayo esihle. Uma useduze nemizila emangalisayo yokuqwala izintaba, yifake esihlokweni noma encazelweni yendlu yakho.
IZigaba Ze-Airbnb ezibhukhwa ukwedlula zonke phakathi kuka-May 2022 no-March 2023 emhlabeni kube Ezingasebhishi, Ezinama-pool ababazekayo, Ezithrendayo, Amadolobha adumile, namaPaki kazwelonke—ngakho izivakashi zibeka phambili ilanga, ubuhle bendawo, nemizila yokuqwala izintaba. Ngisho noma indawo yakho ingekho kwenye yalezi, ungasebenzisa le mininingwane ukuze ugqamise noma iziphi izici zendlu yakho ehambisana nalawa nalezi zinto ezithandwayo.
Nomaphi lapho ukhona emhlabeni, uyingxenye yomphakathi osungula okokuzithokozisa kwezivakashi okungatholakala ku-Airbnb kuphela. Kunhlolovo yakamuva yomhlaba wonke yezivakashi naBabungazi abangaphezu kuka-19,000, abangamaphesenti angaphezu kuka-60 bathi babefuna ukuvakasha nge-Airbnb kuphela uma babezoba seduze nesiko lendawo kunokuhlala ehhotela noma ku-resort.
Imininingwane ekulesi sihloko kungenzeka isishintshile selokhu sashicilelwa.