Ukusikisela kuzoboniswa ngemva kokuthayipha endaweni yokusesha. Sebenzisa imicibisholo ebheke phezulu naphansi ukuze ubuyekeze. Sebenzisa u-enter ukuze ukhethe. Uma okukhethile kungumusho, lowo musho uzothunyelwa ekusesheni. Uma ukusikisela kuyilinki, ibhrawuza izokuya kulelo khasi.
Indlela yokukwenza
Bungaza

Yikhiphe indlu yakho

Uma ufuna ukuyeka ukuthola ukubhukha okusha futhi ukhiphe indlu yakho emiphumeleni yokusesha, kukhona ongakukhetha. Khetha indlela yokumenenja indlu yakho ekusebenzelayo:

  • Yikhiphe okwesikhathi esithile esibekiwe (izinyanga ezingaba ngu-6).
  • Yikhiphe noma uyivale unomphela. Bese uyifaka kabusha noma nini lapho usukulungele.
  • Yisuse uma ungeke usayibungaza indawo yakho (nokho, konke ukubhukha okuqinisekisiwe kumelwe kuqedwe). 

Uma uyikhipha, usazobungaza izivakashi zakho kunoma yikuphi ukubhukha okuqinisekisiwe.

Yikhiphe indlu ngezinsuku ezithile

Ungakhetha izinsuku zakho kusengaphambili ukuze ukhiphe futhi ufihle indlu yakho emiphumeleni yokusesha okwesikhathi esithile.

Khipha indlu yakho ngezinsuku ezithile kudeskithophu

  1. Chofoza Izindlu bese ukhetha indlu ofuna ukuyishintsha
  2. Ngaphansi kokuthi Ithuluzi lokulungisa indlu, chofoza okuthi Lungisa amaphreferensi 
  3. Chofoza okuthi Isimo sendlu
  4. Chofoza okuthi Ikhishiwe bese uchofoza okuthi Khetha izinsuku
  5. Khetha izinsuku zokuqalisa nokuqeda bese uchofoza okuthi Seyiva

Khipha indlu uze ulungele ukubungaza

Ungakhipha indlu yakho emiphumeleni yokusesha unomphela. Uzohlale ukwazi ukukhetha ukuyifaka kabusha uma usukulungele.

Khipha indlu yakho unomphela kudeskithophu

  1. Chofoza Izindlu bese ukhetha indlu ofuna ukuyishintsha
  2. Ngaphansi kokuthi Ithuluzi lokulungisa indlu, chofoza okuthi Lungisa amaphreferensi 
  3. Chofoza okuthi Isimo sendlu
  4. Chofoza okuthi Ikhishiwe bese uchofoza okuthi Khipha okwamanje
  5. Khetha isizathu sokuthi kungani ukhipha indlu bese uchofoza okuthi Khipha

    Ukukhipha indlu ezinsukwini ezizayo ngeke kuvimbe ikhalenda lakho manje

    Uma ufuna ukukhipha indlu yakho ngezinsuku ezithile esikhathini esizayo, izivakashi zisengakwazi ukubhukha lezo zinsuku ngaphandle uma uzivimba mathupha lezo zinsuku ekhalendeni lakho.

    Awukwazi ukukhipha indlu uma unokubhukha okuzayo

    Kungakhathaliseki ukuthi ukhipha indlu yakho isikhathi esithile noma kuze kube yilapho usukulungele ukubungaza, indlu yakho ayikwazi ukukhishwa kuze kube yilapho konke ukubhukha sekuqediwe. Ungakwazi ukukhansela ukubhukha, kodwa izindleko zokukhansela zoMbungazi neminye imiphumela izosebenza.

    Khipha indlu yakho

    Ungayikhipha indlu yakho, bese ususa indlu yakho uma konke ukubhukha kwakho okuzayo sekuphelile.

    Susa indlu yakho kudeskithophu

    1. Chofoza okuthi Izindlu bese ukhetha indlu ofuna ukuyisusa
    2. Ngaphansi kokuthi Ithuluzi lokulungisa indlu, chofoza okuthi Lungisa amaphreferensi 
    3. Chofoza okuthi Khipha indlu
    4. Khetha isizathu sokuthi kungani ukhipha indlu bese uchofoza okuthi Okulandelayo
    5. Chofoza okuthi Yebo, khipha


    Khumbula uma indlu yakho ikhishiwe, noma yikuphi ukuphawula okuhlobene endlini kusazovela kuphrofayili yakho futhi akukwazi ukudilithwa.

    Ingabe le athikili ikusizile?

    Izihloko ezihlobene

    Thola usizo ngokubhukha kwakho, i-akhawunti, nokunye.
    Ngena ku-akhawunti noma uvule i-akhawunti