Ukuqonda amasethingi akho ekhalenda nokubhukha
Ikhalenda lakho namasethingi okubhukha kukunikeza ukulawula ekutheni wabelana nini ngendawo yakho, kusukela ezimpelasontweni ezimbalwa kuya ezinsukwini ezingu-365 ngonyaka. Ukuwasebenzisa kahle la masethingi kungakusiza uhlangabezane nezidingo zezivakashi zakho futhi uqhube ibhizinisi lakho lokubungaza ngokushelela kakhudlwana.
Nansi indlela yokusetha amasethingi ekhalenda asebenzela wena.
Ukusetha ukutholakala ekhalendeni lakho
Ungavula izinsuku ekhalendeni lakho ezifinyelela eminyakeni engaba mibili kusengaphambili. Uma unezinsuku eziningi ezitholakalayo, ziba ziningi izinsuku izivakashi ezingakhetha kuzo.
Ukugcina ukutholakala kwekhalenda lakho kubuyekeziwe kubalulekile ukuze ugweme ukukhansela ukubhukha. Ukukhansela kungaholela ezindlekweni nakweminye imiphumela kuwe kanye nokungajabuli kwezivakashi.
UKevino, uMbungazi Ovelele eMexico City, uthi usebenzisa amasethingi ekhalenda nawokubhukha ukuze:
- Alungise amanani ngokuvumelana nesidingo sasendaweni. “Ngivame ukukhokhisa kakhudlwana ngo-October nango-November, isikhathi esibhekwa njengesimatasa eMexico City ngenxa yemigubho eminingi eba khona. Wonke umuntu ufuna ukuba lapha ngoSuku Lwabafileyo!”
Asethe izikhathi eziqondile zokungena nokuphuma. “Izivakashi zingangena kusukela ngo-2:00 PM bese ziphuma noma nini ngaphambi kuka-12:00 PM—ngifuna izivakashi zami zizwe sengathi zingakwazi ukuphumula futhi zidle ibhulakufesi ngaphambi kokuba zihambe. Ngiphinde nginikeze indawo ekhiyiwe lapho izivakashi ezifuna ukuhlala edolobheni ngemva kwesikhathi sokuphuma zingagcina khona ngokuphephile izikhwama zazo.”
Avale izinsuku azibekele umndeni, abangane, noma izivakashi ezivame ukufika. “Ngiphinde ngibe nezivakashi ezithanda ukubuya unyaka nonyaka ngesikhathi esifanayo, ngakho ngokuvamile ngiyazivala lezo zinsuku.”
Ungasebenzisa namaphreferensi okubhukha kwakho ukuze:
- Ukhethe ubungako besikhathi osidingayo ukuze ulungiselele izivakashi.
Usethe iminimamu kanye nomkhawulo wobude bokuhlala.
Vumelanisa ikhalenda lakho le-Airbnb namanye amakhalenda akho aku-inthanethi. Ukuvumelanisa ikhalenda lakho kukusiza ugweme ukubhukha kabili futhi kukuvumela ukuba uhlole ishejuli yakho endaweni eyodwa.
Ikhalenda lakho liphinde lilandelele nokubhukha kwezivakashi zakho. Ungakhetha ukubonisa noma ukufihla imininingwane ukuze uhlole ukutholakala kwesikhathi eside, ubuyekeze izilinganiso ezidlule zobusuku, ulungise amanani namaphromoshini esikhathi esizayo, futhi uhlele kusenesikhathi ngokuzethemba.
Ukukhetha indlela izivakashi ezingabhukha ngayo indawo yakho
Ungavumela izivakashi ukuba zibhukhe indawo yakho ngokuBhukha Okusheshayo noma ngesicelo sokubhukha.
Izicelo zokubhukha zivumela aBabungazi ukuba bamukele ukubhukha ngakunye, engakapheli amahora angu-24 ngemva kokuzithola. Kubonakala sengathi le ndlela ithandwa aBabungazi:
- Abangatholakali kalula ngenxa yezidingo neshejuli yabo.
- Abanikeza indawo enezici ezihlukile, njengendawo enezinto eziyisidala, abafuna ukuchazela izivakashi lokho ezingakulindela kuyo ngaphambi kokuba zibhukhe.
- Abanikeza ukuhlala kwesikhathi eside kobusuku obungu-28 noma ngaphezulu.
Ukubhukha Okusheshayo kuvumela izivakashi ezihlangabezana nazo zonke izimfuneko zakho neziyamukelayo imithetho yendlu yakho ukuba zibhukhe ngokushesha noma yiziphi izinsuku ezitholakalayo. Leli thuluzi likhuphula ijubane lenqubo yokubhukha yezivakashi futhi linciphisa isidingo sokuba wena ubuyekeze futhi wamukele isicelo ngasinye sokubhukha.
“Ngenze ithesti lapho ngiphoste khona indlu yami kuqala ngezicelo engizithumele mathupha kwabe sekuba ngokuBhukha Okusheshayo,” kusho uKevino. “NgokuBhukha Okusheshayo, ngithole ukubhukha okuningi kakhulu.”
Ngala masethingi kanye namanye, ungakwazi ukulawula ukuthi indawo yakho ibhukhwa nini nokuthi ibhukhwa kanjani futhi usungule ikhalenda lokubungaza elikusebenzelayo.
Imininingwane ekulesi sihloko kungenzeka isishintshile selokhu sashicilelwa.