Hambisa phambili ukuthola imiphumela esikiselwe
    Lokhu okuqukethwe akutholakali ngolimi lwakho olukhethiwe, yingakho sikwenze kwatholakala ngolimi oluseduze kakhulu olutholakala manje.

    Isizathu sokulwela ukufinyelela isimo soMbungazi ovelele

    Funda ngezinzuzo zohlelo, futhi uthole ukuthi ungafaneleka kanjani.
    Ngu Airbnb ngo- Nov 21, 2019
    okufundwayo kwemizuzu engu-2
    Kulungiswe ngomhla ka- Mey 13, 2021

    Okuvelele

    • Ababungazi abavelele basezingeni eliphezulu futhi bangababungazi abangomakadebona

    • Ababungazi abavelele bangathola ukubhukha okuningi, iholo, nezinye izinzuzo zohlelo

    • Okufanele ube nakho: isilinganiso ezingaphezu kuka-4.8, ukuhlala okungaphezu kokungu-10 noma ubusuku obungu-100, isilinganiso sokukhansela esingaphansi kuka-1%, kanye nesilinganiso sokuphendula esingu-90%

    • Hlola ukuthi useduze kangakanani kuthebhu Yamathuba kuphrofayela yakho

    • Thola okuningi esiqondisweni sethu esiphelele sokuthuthukisa ukubungaza kwakho

    Ingabe wamukela izivakashi ngendlela esezingeni eliphezulu? Ingabe uziphendula ngokushesha izivakashi? Uthola ukuphawula okuhle? Ungase ube Umbungazi ovelele! “Ngesikhathi ngiqala ukubungaza ezinyangeni ezingu-10 ezidlule, ngazicabanga ngiyisivakashi nendlela engingafuna ukuphathwa ngayo,” kusho Umbungazi ovelele u-Terry wase-Toronto. “Kwangisiza.” Funda ukuze uthole ukuthi kusho ukuthini ngempela ukuthola isimo esifunwayo sokuba Umbungazi ovelele.

    Kuza oyedwa, beze bonke (ababungazi)

    Uhlelo lwaBabungazi abavelele lwe-Airbnb luhalalisela futhi luklomelise ababungazi be-Airbnb abasezingeni eliphezulu futhi asebemnkantsh'ubomvu. Kungakhathaliseki ukuthi hlobo luni lwendawo onayo—kusukela egumbini elingahlali muntu kuya esithabathabeni somuzi—noma imuphi umbungazi angaba Umbungazi ovelele ngokwamukela izivakashi ngokuqhubekayo ngezinga eliphezulu.

    Ababungazi abavelele, izinzuzo ezinkulu

    Lapho uba Umbungazi ovelele, uklonyeliswa ngebheji elikhethekile kuphrofayili nasendlini oyifakile. Ababungazi abavelele banethuba:

      • Thola imali eyengeziwe
        Ababungazi abavelele bavame ukuhlomula ekwandeni okukhulu kwenzuzo. Ukubonakala kakhudlwana nokwethenjwa yizivakashi kungasho ukuthi uzothola imali eyengeziwe.
      • Heha izivakashi eziningi
        Uphawu lungenza indlu yakho ikhange nakakhulu ezivakashini — zizokwazi ukuthi ungumbungazi osumnkantshu'bomvu owaziwa ngokuphatha kahle izivakashi. Izivakashi zingase zihlunge imiphumela yazo yokusesha ukuze zibone kuphela izindlu Zababungazi abavelele.
      • Thola imiklomelo emihle
        Uzothola u-20% ngaphezu kwebhonasi evamile lapho uletha ababungazi abasha. Ngemva konyaka Ungumbungazi ovelele, uzothola ikhuphoni yohambo.

      Izinzuzo zohlelo zingahlukahluka kuye ngemakethe nezwe.

      Ngesikhathi ngiqala ukubungaza, ngazicabanga ngiyisivakashi nendlela engingafuna ukuphathwa ngayo. Kwangisiza.
      Terry,
      Toronto

      Izinto ezingu-4 okumelwe ube nazo ukuze ube Umbungazi ovelele

      Uyazibuza ukuthi uyafaneleka yini? Ababungazi abavelele kumelwe bahlangabezane nezimfuneko ezilandelayo ukuze bafanelekele—futhi balondoloze—isimo sabo esikhethekile:

      1. Londoloza isilinganiso esiphakeme
      Kumelwe ube nesilinganiso esiphelele esingu-4,8 noma ngaphezulu ngokusekelwe ekuphawuleni okuvela ezivakashini zakho ze-Airbnb onyakeni odlule. Izivakashi ziyazi ukuthi zingalindela ukwamukela izivakashi okuphawulekayo kulaba babungazi.

      2. Yiba ochwepheshile
      Kumelwe ube usubungaze okungenani ukuhlala okungu-10 onyakeni odlule, noma uma ubungaza ukubhukha kwesikhathi eside, ubusuku obungu-100 okungenani phakathi nokuhlala okungu-3. Izivakashi zingazizwa ziqiniseka ukuhlala nombungazi osemnkantsh'ubomvu.

      3. Gwema ukukhansela
      Kumelwe ube usukhansele isikhathi esingaphansi kuka-1%, ngaphandle kwezimo ezingalindelekile. Lokhu kusho ukukhansela okungu-0 uma unokubhukha okungaphansi kuka-100 ngonyaka. Ukungavami ukukhansela kunikeza izivakashi ukuthula kwengqondo okwengeziwe.

      4. Phendula
      Kumelwe ube usuphendule u-90% wemiyalezo emisha, ehlobene nokubhukha engakapheli amahora angu-24. Uma izivakashi zikubuza imibuzo, ziyazi ukuthi zizothola impendulo ngokushesha.

      Faneleka njalo ezinyangeni ezingu-3

      Izikhathi ezine ngonyaka, uzoba nethuba lokufanelekela isimo sokuba Umbungazi ovelele. I-Airbnb ihlola bonke ababungazi njalo ezinyangeni ezintathu ngokusekelwe ezinsukwini zabo ezidlule ezingu-365 zokubungaza. Uma kunezindawo ababungazi okufanele bathuthukise kuzo, kudingeka babe sebehlangabezene nazo zonke izimfuneko ekuhlolweni okulandelayo ukuze bathole noma bagcine isimo sabo sokuba Umbungazi ovelele.

      Okuvelele

      • Ababungazi abavelele basezingeni eliphezulu futhi bangababungazi abangomakadebona

      • Ababungazi abavelele bangathola ukubhukha okuningi, iholo, nezinye izinzuzo zohlelo

      • Okufanele ube nakho: isilinganiso ezingaphezu kuka-4.8, ukuhlala okungaphezu kokungu-10 noma ubusuku obungu-100, isilinganiso sokukhansela esingaphansi kuka-1%, kanye nesilinganiso sokuphendula esingu-90%

      • Hlola ukuthi useduze kangakanani kuthebhu Yamathuba kuphrofayela yakho

      • Thola okuningi esiqondisweni sethu esiphelele sokuthuthukisa ukubungaza kwakho
      Airbnb
      Nov 21, 2019
      Ingabe lokhu kube wusizo?