Hlanza njengephrofeshinali ngala macebiso ongoti

Susa wonke amabala endaweni yakho ngamathuluzi nangenqubo efanele.
Ngu Airbnb ngo- Feb 26, 2024
Ungakufunda imizuzu engu-3
Kulungiswe ngomhla ka- Feb 26, 2024
Hlanza njengephrofeshinali ngala macebiso ongoti
Ukugxila emininingwaneni
Hlanza njengephrofeshinali ngala macebiso ongoti

Ukuhlanzisisa ngemva kwesivakashi ngasinye kuyingxenye eyinhloko yokubungaza kwezinkanyezi ezinhlanu. Esinye sezizathu ezivame kakhulu ezenza izivakashi zinikeze aBabungazi izinkanyezi ezingaphansi kwezinhlanu ukungahlanzeki.

Ungavumeli izintuli, amabala, noma amaphunga kuyone indlela enhle owamukela ngayo izivakashi. Zama la macebiso avela kumuntu ohlanzayo oyiphrofeshinali uDiana Cruz. Yena nomyeni wakhe bahlanza izindlu eziningi zaBabungazi bezindlu ze-Airbnb eningizimu-ntshonalanga yeFlorida.

Sebenzisa amathuluzi afanele

Yisingathe kalula kakhudlwana imisebenzi yokuhlanza ngokuzilungiselela kahle ukuze uphumelele. UDiana uthembele ezintweni ezisebenziseka kalula ezifana nalezi:

  • Imophu esetshenziselwa izinto ezihlukahlukene enekhanda le-microfiber nelebhulashi lokukhuhla phansi nokudasida amakhona angafinyeleleki kalula
  • Ibhakede elinemophu elinezinhlangothi ezimbili zokuhlukanisa amanzi anensipho namanzi okuyakaza
  • I-vacuum enamakhanda okhaphethi nemisele, njengemisele yeminyango eslayidayo
  • Ipayipi elixhunywayo leshawa lokuyakaza usinki, ubhavu, noma ishawa engenalo
  • I-scraper sezingilazi esenza izinto ezihlukahlukene sezitofu neminyango yeshawa
  • Izinsipho zokuhlanza ezingewona ushevu zokususa amabala, izinsalela zensipho, namafutha ekhishini
  • Iziponji ezingahwayi zokususa amabala amaconsi asebambelele ezintweni eziyinsimbi
  • Amabhola omshini wokomisa okunciphisa uboya nezinwele ezinamathela ezingutsheni
  • Irola yokususa uboya yokususa uboya bezilwane nezinwele kufenisha embozwe ngendwangu

Ukuhlala uhlelekile kungakusiza usisebenzise kahle isikhathi sakho. Gcina zonke izinto zakho zokuhlanza endaweni eyodwa, njengobhasikidi ophathwayo noma iklozethi yomnikazi ekhiywayo, bese ufaka isitokwe ngokuqhubekayo.

Khulisa inqubo yakho yokuhlanza

Kubalulekile ukwenza okungaphezu kwezinto ezidingekile uma ufuna ukuthola izinkanyezi ezinhlanu ezivakashini, kusho uDiana. Utusa ukuba ube nenqubo nohlu lwezinto okumelwe zenziwe, ukuze kungabi nento oyikhohlwayo.

UDiana uhlezi eqala ngokukhipha amashidi emibhedeni namanye amalineni. Uthi, “Kungcono ukuba namanye amashidi namathawula ahlanzekile angosuku olufanayo uma kuzongena ezinye izivakashi.” “Amathawula amakhulu, anoboya obuningi athatha isikhathi eside ukoma, futhi lokho kungakudlela isikhathi.”

Uzipha isikhathi sokususa ukungcola, amabala, nezinwele ezindaweni ezivame ukunganakwa ezinjengalezi:

  • Ngaphansi kwemibhede. Bheka ngaphansi kombhede ngamunye bese ususa izintuli noma izinto ezisele.
  • Ngaphakathi kwamadrowa. Vula idrowa ngalinye ukhiphe noma iyiphi imfucuza engaphakathi.
  • Iminyango yamakhabethe. Sula ngaphambili nasemaphethelweni.
  • Izinto zikagesi zasendlini. Susa zonke izimvuthuluka, ikhofi noma ushukela, noma okuchitheke ku-toaster, emshinini wekhofi, ku-microwave, nasefrijini.
  • Imihlobiso yasendlini. Dasida wonke amasafeyisi, okuhlanganisa amashalofu, ama-blind amafasitela, nezitshalo zasendlini.
  • Izindawo ezingaphandle. Shanela izindawo zokungena novulande ukuze ususe ukungcola, amaqabunga, nolwembu.

Uma usuqedile, hlola umsebenzi wakho. Lokhu kuhlanganisa ukuhlola ilondolo nezitsha njengoba uzikhipha emshinini wokomisa noma wokugeza izitsha.

Shejula ukuhlanzisisa njalo ezinyangeni ezimbili noma ezintathu ukuze usingathe imisebenzi ongenaso isikhathi sayo lapho kungena izivakashi zilandelana.

Khetha umoya ohlanzekile namaphunga angenamandla

Umuntu ngamunye unendlela ehlukile awezwa ngayo amaphunga. Izivakashi zingase zingawajabuleli amaphunga anamandla anoma yiluphi uhlobo. Ukuzama ukufihla iphunga nge-bleach, ama-air freshener, noma ngezinye izindlela akuvamile ukusebenza, kusho uDiana.

UDiana usikisela lokhu: 

  • Ukuvula amafasitela ngesikhathi usebenza noma nini lapho isimo sezulu sivuma.
  • Ukushiya umshini wokuhlanza umoya uvuliwe amahora amabili noma amathathu ukuze uqede amaphunga anamandla.
  • Ukufutha isibulala-magciwane esingenamandla esixutshwe namanzi endwangwini yosofa, amakhethini, nakokhaphethi.

“Ngizama ukusebenzisa izinto zokuhlanza ezenziwe ngezitshalo, hhayi ezinamandla,” kusho uDiana. “Zona ziyabiza, kodwa ziyawenza umsebenzi. Ngiye nganconywa kaningi ngendlela indawo enephunga elimnandi ngayo.”

Nezela izinto zezinkanyezi ezinhlanu

Ukulungisa okwengeziwe kungaba nomthelela omkhulu ezivakashini. UDiana utusa ukwenza izinto ezintathu zokugcina ukuze ujabulise izivakashi lapho zifika.

  • Gcwalisa izinto ezidingekayo. Lokhu kuhlanganisa insipho yezitsha, insipho yezandla, insipho yokugeza umzimba, i-shampoo, ne-conditioner. Uma unikeza noma yini elahlwayo, njengesiponji sokugeza izitsha, shiya esisha esingakavulwa.
  • Beka kahle izinto ezisendlini. Beka ngobunono amarimothi, imiqamelo, nezinto ezifakwa kumadrowa nasemakhabetheni, njengomshini wokomisa izinwele noma amabhodwe namapani.
  • Yenza kubukeke kahle ngokugoqa kahle izinto. Goqa amaphethelo ephepha lasethoyilethi namathawula ephepha ukuze acije phambili, ngendlela okungase kwenziwe ngayo ehhotela eliphambili.

“Ngisonga ngisho nezikhwama zikadoti kahle,” kusho uDiana. “Izivakashi ziqaphela imininingwane emincane—kuwubufakazi bokuthi empeleni kunomuntu okwenzayo konke lokho.”

Cabangela ukufaka uMbungazi Ongumsizi noma umuntu ohlanzayo ukuze akusize ufeze imigomo yakho yokuhlanza. Ukuba nomuntu okusizayo kungenza ukulungisa ngemva kokuphuma kwezivakashi kuphumelele kakhudlwana futhi kwenze unikeze ukuvakasha kwezinkanyezi ezinhlanu.

UDiana Cruz nomyeni wakhe abekho esithombeni.

Imininingwane ekulesi sihloko kungenzeka isishintshile selokhu sashicilelwa.

Hlanza njengephrofeshinali ngala macebiso ongoti
Ukugxila emininingwaneni
Hlanza njengephrofeshinali ngala macebiso ongoti
Airbnb
Feb 26, 2024
Ingabe lokhu kube wusizo?