Hambisa phambili ukuthola imiphumela esikiselwe

    Indlela yokusingatha ukuphawula okubi ku-Airbnb

    Ukusingatha ngokuhlakanipha ukuphawula okungekuhle kubonisa ezinye izivakashi ukuthi unendaba.
    Ngu Airbnb ngo- Mey 4, 2021
    okufundwayo kwemizuzu engu-2
    Kulungiswe ngomhla ka- Aga 18, 2022

    Okuvelele

    • Ukusabela emininingwaneni ethile ekuphawuleni kubonisa ezinye izivakashi ukuthi uyayamukela imibiko

    • Ukuxhumana nezivakashi njalo kungasiza ekugwemeni ukuphawula okubi

      • Ukubungaza okungabandlululi kuyingxenye esemqoka yokuba uMbungazi ophumelelayo

      Ukuphawula okubi kungazwisa ubuhlungu ngempela. Kodwa ngisho noMbungazi onomoya wokungenisa izihambi onendlu ebabazekayo angase athole umbiko ongemuhle wezivakashi ngezikhathi ezithile.

      Njalo uyakwazi ukuphendula phambi kukawonk'uwonke ekuphawuleni okusendlini yakho. Uma uphendula ngendlela ehlakaniphile, ungabonisa ukuthi uwubheka njengobalulekile umbiko wezivakashi zakho nokwaneliseka kwazo.

      Ukuphendula ekuphawuleni okungekuhle

      Ukubhala impendulo enomusa ebonwa uwonk'uwonke ekuphawuleni okungekuhle kungabonisa ukuthi unendaba nombiko ovela ezivakashini, futhi kukunikeza ithuba lokuveza indlela othuthukisa ngayo. Izivakashi zisitshela ukuthi ukubona uMbungazi ezihilela futhi ephendula emibikweni kuzenza zizizwe ziqiniseka kakhudlwana ngokubhukha, ngoba ziyazi ukuthi uMbungazi uyakwamukela ukusikisela.

      Nakuba kunjalo, akudingeki ukuba uphendule kukho konke okubi okushiwoyo. Uma ukuphawula kungabalulekile ngandlela thile, asikho isidingo sokubhala impendulo ebonwa uwonk'uwonke.

      Kodwa uma uthola ukuphawula okubi futhi ulungise indawo yakho noma ulungise inkinga kamuva, impendulo esheshayo, enobungane izotshela ezinye izivakashi ukuthi uyibonile inkinga—nokuthi ilungisiwe.

      Ungasabela ekuphawuleni zingakapheli izinsuku ezingu-30 ngemva kokuba ukuphawula kuthunyelwe. Nanka amacebiso ambalwa okubhala impendulo enhle:

      • Qala impendulo yakho ngokwamukela umbiko nangokubonga isivakashi sakho ngawo—ngisho noma ungavumelani nawo. Lokhu kungaba lula njengokuthi, “Ngiyabonga kakhulu ngokuphawula kwakho, Mary! Siyakwazisa ngempela ukuthi uzinike isikhathi sokucabanga ngohambo lwakho.”
      • Zama ukunikeza umongo owengeziwe, noma unikeze umbono wakho. Ungasho into enjengokuthi, “Kwakubi ukuthi i-air conditioner ibinomsindo ongavamile. Siyilungisile. Uma ubuya uzohlala nathi futhi, sicela usitshele ngokushesha uma kukhona okungahambi kahle!”
      • Uma ukuphawula kunamazwi aqatha, kodwa kufaneleka, bhala izinyathelo ozithathile ukuze ulungise noma uthuthukise indawo yakho. Ungase uthi, “Siyaxolisa ngokuthi imibhede ibingekho ntofontofo! Ukulala kwakho kubalulekile kithi, ngakho-ke sifake omatilasi abathokomele ngemva kokuphawula kwakho.”
      Ukuphawula kukhishwa kuphela uma kwephula Inqubomgomo Yokuphawula. Ungakubika ukuphawula onomuzwa wokuthi kungqubuzana nenqubomgomo yethu.
      Le GIF ikhombisa inqubo yokuthepha okuthi “phendula” ukuze uphendule ekuphawuleni ku-app ye-Airbnb.
      Zama ukungalinyazwa ukuphawula okubi. Ukuzama ukuziphindiselela kungase kukhungathekise abantu abengeziwe kunokuphawula ngokwako.
      Host Laura,
      Sea Palling, England

      Ukusabela ekuphawuleni okuhle

      Ukuphendula phambi kukawonk'uwonke ekuphawuleni okuhle nakho kusho lukhulu ekuboniseni ukuthi unguMbungazi ophendulayo.

      Uma uphendula kuphela ekuphawuleni okungekuhle, uzobe udonsela amehlo kukho. Kunalokho, ungase uphendule kunoma yikuphi ukuphawula okuhle okutholayo. Ngisho nokuthi, “Ngiyabonga ngokuhlala endaweni yami!” kwanele.

      “Njengesivakashi, angilindele kunoma yimuphi uMbungazi ukuba abe nokuphawula okungenaso nhlobo isici, kodwa ngikhangwa kakhulu yilabo abangawubukeli phansi umbiko ogxekayo futhi bazimisele ukuthuthukisa,” kusho u-Andrew, uMbungazi Ovelele wase-Berlin.

      Usizo lokugwema ukuphawula okungekuhle

      Ngezinye izikhathi ukuphawula okubi kumane kuwumphumela wokulindela okuhlukile. Njalo lapho wamukela isivakashi esivela endaweni entsha, kuyithuba lokufunda ngezindlela ezengeziwe zokwamukela izivakashi nokubungaza ngokungabandlululi.

      Yize ungenakuqinisekisa ukuthi awusoze wathola ukuphawula okubi, kunezinyathelo ongazithatha ukuze uthuthukise inqubo yakho yokubungaza.

      • Thatha izithombe zendawo yakho ezinembile, kuhlanganise nezici zayo.
      • Bhala incazelo yendlu enembile kanye nemithetho yendlu ukuze uveze lokho okungalindelwa.
      • Lungisa incazelo yendlu yakho ukuze uxazulule noma yiziphi izinkinga ezisekuphawuleni okubi, ikakhulukazi izinto ongenakwenza lutho ngazo, njengokuthi uhlala emgwaqweni onomsindo.
      • Sebenzisa umbiko owutholayo ukuze uthuthukise indlu yakho, njengokufaka amathawula engeziwe uma isivakashi sithe ebenganele.
      • Ngena nezivakashi nge-app ye-Airbnb kukho konke ukuhlala kwazo ukuze ukwazi ukuxazulula noma yini ezikhathazayo uma kuvela.

      “Ngizobe ngiqamba amanga uma ngithe ukuphawula okubi akungizwisi ubuhlungu, kodwa yiba nombono oqondile ngezinto—ikakhulukazi uma unguMbungazi omusha. Izivakashi zakho zokuqala yizona eziba uhlupho kakhulu. Futhi ungafunda kuzo,” kusho u-Laura, uMbungazi Ovelele wase-Frederick, e-Maryland.

      Imininingwane ekulesi sihloko kungenzeka isishintshile kusukela sashicilelwa.

      Okuvelele

      • Ukusabela emininingwaneni ethile ekuphawuleni kubonisa ezinye izivakashi ukuthi uyayamukela imibiko

      • Ukuxhumana nezivakashi njalo kungasiza ekugwemeni ukuphawula okubi

        • Ukubungaza okungabandlululi kuyingxenye esemqoka yokuba uMbungazi ophumelelayo

        Airbnb
        Mey 4, 2021
        Ingabe lokhu kube wusizo?